Obezenza iMeya yaseThekwini ukhalelwe amasongo kaSigonyela

UPHIKO lwamacala obugebengu obuhleliwe KwaZulu-Natali kanye namaphoyisa kaMasipala weTheku, babophe owesilisa oneminyaka engama-28 ngokukhwabanisa ngemuva kokuba ezenze iMeya yeTheku.

Umsolwa wanikeza owesifazane ithenda ngombandela wokuthi akhokhe imali engama-R200,000 ngokheshi ngaphambili.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi umsolwa ubhekene necala lokukhwabanisa kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko.

“Le ntokazi ebizama ukukhwabanisa imali engama-R200,000 yaqala ukusola ngesikhathi le Meya mbumbulu iyiyala ukuba ilahle upulasitiki onale mali emgqonyeni wothuli erenki yamatekisi eNanda.

“Lo wesifazane wabiza amaphoyisa base bamucupha waboshwa.”

Lesi sithombe esingenhla eseMeya yangempela yaseThwekwini, uMxolisi Kaunda, okusolwa ukuthi lo mkhohlisi ubezenza yena.