Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Owayeyimeya yase-Tshwane uMbhishobhi Murunwa Makwarela uvele eNkantolo eNkulu yasePitoli ngamacala enkohlakalo ngoMsombuluko.
Uwaphikile amacala okukhwabanisa nokusebenzisa umqulu womgunyathi ngemuva kokuthi eqambe amanga ngokuthi ungumuntu ocwile ezikweletini.
UMakwarela uzinikele esiteshini samaphoyisa e-Brooklyn ngoMsombuluko ekuseni ngaphambi kokuthi adedelwe ngebheyili ka-R10 000. Umbuso awuzange uphikisane nebheyili.
Uzophinde avele enkantolo mhla zimbili kuNhlaba.
UMakwarela ophethe ibandla i-Righteousness of God Ministries ugqame ngesikhathi eqokwa njengosomlomo womkhandlu esivumelwaneni sazwi linye nakuba iqembu lakhe linesihlalo esisodwa.
Kamunva washiya umfelandawonye we-DA ne-ActionSA wajoyina umfelandawonye we-ANC ne-EFF omfake esikhundleni sobumeya.
Kodwa-ke, ngemuva kokuba imeya insuku ezimbalwa kwavela ukuthi uMakwarela ungumuntu ongakwazi ukuphatha izimali zakhe ngaleyo ndlela ngeke akwazi ukusingatha izimali zomkhandlu.
Ngemuva kokuxoshwa esikhundleni kwavela ezokuthi uMakwarela unikeze umphathi kamasipala isitifiketi somgunyathi sokuhlunyeleliswa kwezimilo. Izithombe zesitifiketi esikokotelwe kabi bezibonakala ezinkundleni zokuxhumana. Uye waphoqeleka ukuthi esule esikhundleni sakhe.
Esithombeni esingenhla: OwayeyiMeya yase-Tshwane uMurunwa Makwarela
Umthombo wesithombe: @cityofTshwane