Obevakashele e-Switzerland utheleleke ngengxibongo yezinkawu

Kamogelo Olaitan

UMnyango wezeMpilo e-Limpopo usuqinisekise umuntu oyedwa ophethwe yisifo ingxibongo yezinkawu esifundazweni.

UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Phophi Ramathuba uthe owesilisa (42) obevakashele e-Switzerland uhaqwe yileli gciwane.

Lo mlisa ubenezimpawu ezifana nokuqubuka, i-lymphadenopathy (ukuvuvukala kwama-lymph nodes) nobuhlungu bemisipha nokukhathala.

Lokhu kutheleleka kuqinisekiswe i-National Institute of Communicable Diseases (NICD).

URamathuba ucele amalungu omphakathi ukuthi angatatazeli.

“Sicela ukuthi nehlise imimoya. Singakuqinisekisa ukuthi otholakale naleli gciwane uthola ukwelashwa kanti umuntu ophethwe yileli gciwane akadingi ukulaliswa esibhedlela,” kusho uRamathuba.

UNgqongqoshe uthe uMnyango usuthumele izikhulu ukuthi zilandele lokhu kuthelelana ngegciwane njengoba sekuhlonzwe ukuthi kukhona abathathu abathintane naye. Kodwa-ke akekho kubo okhombisa izimpawu zaleli gciwane.

Izihloko zakamuva