Obesanda kuthola izincwadi zakhe zokushayela u-code-14 udlule emhlabeni ngemuva kokusha komjondolo wakhe

Lungani Zungu

Iphupho likaSifiso Mkhize lempilo yakhe yonke beselize lafezeka, kodwa selivele lashabalala ngemuva kokuba adlule emhlabeni ngenkathi kusha umjondolo.

Usifiso oneminyaka engama-29 uthole izincwadi zakhe zokushayela u-code-14 ngesonto elidlule ngemuva kwamahlandlana amaningi ehluleka.

Kodwa ushone ngoMsombuluko ngemuva kokuba umjondolo wakhe ose-Brairdene komazakhela enyakatho yeTheku, ushiswe umlilo ngesikhathi elele ngemuva kokuba abuye ukuyophuza amanzi amponjwana nabangani bakhe.

Usisi wakhe uNomusa ohlala eduze kwakhe uthi akacabangi ukuthi ugesi odale umlilo, kodwa usola ukuthi ugwayi, yiwona odale umlilo oshise umjondolo kabhuti wakhe.

Ngicabanga ukuthi ukhohlwe ukucima ugwayi, mhlawumbe uwile kwase kwathungeleka umlilo, usho njalo usisi wakhe.

UNomusa uthi ubhuti wakhe ubejabule kakhulu ngemuva kokuba aphuze nabangani bakhe usuku lonke.

Ngimubonile ntambama ephuze kakhulu wathi uya egumbini lakhe lokulala. Yilapho engimugcine khona ukumubona ephila.

Umndeni kaNomusa ohlala eShowe enyakatho yaKwaZulu-Natali ushaqekile ngesikhathi uzwa ngokudlula kwaSifiso emhlabeni.

USifiso ubengasebenzi, kodwa ubenethemba lokuthi uma esethole izincwadi zokushayela uzothola umsebenzi lapho okushayelwa khona amaloli.

Asazi ukuthi senzenjani, kodwa kumele sithole indlela yokumfihla kulempelasonto kusho usisi wakhe.

Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi kuvulwe uphenyo ngalolu daba.

Izihloko zakamuva