Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Iciko lase-East Rand uMncedisi “King” Nkosi waphunyula ogibeni lokusebenzisa izidakamizwa nokudangala ukuze abe iciko elidumile.
UNkosi (29) ozinze e-Springs, Ekurhuleni ugxile ekudwebeni izithombe ezinombala omnyama nomhlophe. Usebenzisa amalahle ephepheni ukuze abonise abantu umsebenzi wakhe oncomekayo.
“Ngangisebenza enkampanini yomshwalense i-B-Sure Africa kodwa le nkampani yathutha amahhovisi e-Springs yawayisa e-Bedfordview,” esho.
Ngo-2018 wazithola esenkingeni yokungasebenzi.
“Ngazizwa ngidangele. Zazingekho izinkampani ezaziqasha futhi ngangingenayo imali yokuziphilisa,” esho.
“Ngangena ezidakamizweni. Ngazithola ngicindezelekile futhi ngisemseni wezidakamizwa. Ngenhlanhla nganquma ukudweba futhi yilokho okwasindisa impilo yami.”
Abantu abaningi bayawubona umsebenzi wakhe, kanti uNkosi usethola amakhasimende ayisithupha kuya kwayishumi ngenyanga. Usebenzisa ubudlelwano anabo nabangani, umndeni kanye nezinkundla zokuxhumana ukuze athole izindlela zokwenza izithombe ezintsha.
Ngesikhathi ebuzwa ukuthi uhambo lwakhe lwangaleso sikhathi esinzima sempilo yakhe kwamfundisani, uthe: “Ubuciko bungifundise incazelo yokubekezela. Ngesikhathi somvalelo we-Covid-19 ngangizabalaza ukwenza imali, kodwa abangani bami kanye nomndeni bangikhuthaza ukuthi ngiqhubeke nokuphokophelela phambili.”
Ngesikhathi kwehliswa imikhawulo ye-Covid-19 ngakwazi ukuqhubekela phambili.
“Manje ngibheke ikusasa lami.”
Uhlose ukuvula isitudiyo sobuciko lapho azodweba khona aphinde adayise imisebenzi emisha nokuthi afundise nabanye ngokubaluleka kobuciko njengethuluzi lokwelapha.
Esithombeni esigenhla: UMncedisi Nkosi nobuciko bakhe
Umthombo wesithombe: Khaya Ndaba