Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ngemuva kweminyaka eyisithupha yokuba umlutha we-crystal meth nokuphila impilo yobugebengu eyacishe yenza ukuthi u-Abongile Tutshana azibulale, ukulalela umsakazo kwamsiza.
Kungaleso sikhathi lapho ezwa khona isikhangiso somsakazo womphakathi sinxusa abantu ukuthi bayohlolelwa ukulingisa. U-Abongile uthi lesi kwaba isikhathi esashintsha impilo yakhe.
Lokhu kwenzeka ngo-2021 ngemuva kweminyaka eyisithupha umngani wakhe amfaka kwi-crystal meth ngo-2015.
Ngokuhamba kweminyaka ukulutheka kwakhe kwamholela ekutheni azame ukuzibulala. Ngawo lowo nyaka aqala ngawo ukusebenzisa lesi sidakamizwa wazama ukuzibulala. Ngenhlanhla umngani wakhe wafika ngesikhathi ukuze amvimbe ngesikhathi ezama ukuzibulala.
“Umngani wami akakaze angiphoqe ukuthi ngidle izidakamizwa kodwa wangifaka ezidakamizweni. Ngizibophezela ngokugcwele ngezenzo zami ngoba ekugcineni kosuku kwakuyisinqumo sami,” esho.
Ngaleso sikhathi u-Abongile waphendukela ekudayiseni izidakamizwa ukuze akwazi ukuqhubeka nempilo yakhe yokuba umlutha wezidakanizwa. Ngokushesha ngemuva kwalokho – njengabanye abaningi abanenkinga yokulutheka – waqala ukweba.
Ngisho nomndeni wakhe waba yizisulu zokweba kwakhe. Unina uNkk Khuliswa Mfisi uthe uyabonga ukuthi indodakazi yakhe ayisabhemi izidakamizwa.
“Bengikhathazekile ngaye ngoba ubedayisa omakhalekhukhwini bezingane ngenkani nokunye ukuze akwazi ukuqhubeka nalo mkhuba,” kusho umama.
Yonke imizamo yokuguqula impilo ka-Abongile ukuthi ibe ngcono yashabalala – kwaze kwaba ngo-2021 lapho okwavuka khona ithalente ayengazi ukuthi unalo.
“Ngathumela i-demo yami kwathi ngemuva kwamasonto amathathu ngaqashwa,” kwengeza u-Abongile.
Ngesikhathi esalindele impendulo wabona ukuthi ngeke akwazi ukuqhubeka nokubhema izidakamizwa uma efuna ukwenza kangcono. Lokhu kwamsiza ukuthi ayeke lo mkhuba.
“Angizange ngiye lapho okuhlunyeleliswa khona izimilo, kodwa ngazibophezela ukuthi ngizoyishintsha impilo yami. Ngaqala ukuhlanza igceke nsuku zonke kusukela ekuseni kuze kube ebusuku njengendlela yokuba matasa ukuze ngikwazi ukulwa nalo mkhuba.”
Kwamthatha cishe izinyanga ezine ukuyeka ukubhema izidakamizwa – futhi akakaze abheke emuva.
Manje u-Abongile usebenza esiteshini somsakazo somphakathi sase-Eastern Cape njengofunda izindaba.
Esithombeni esingenhla: U-Abongile Tutshana
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe