Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Owabangumholi wokuqala omnyama wesifazane ukuhola i-DA ePhalamende uNksz Lindiwe Mazibuko wenza ezibukwayo ezwenikazi lase-Afrika njengoba ekhulisa abaholi abasebancane kwezombusazwe.
UNksz Mazibuko uqale inhlangano iFuturelect nokuyiyo aqeqesha ngaphansi kwayo intsha yamazwe ahlukene angaphansi kwesifunda esisezansi ne-Afrika.
NgoLwesine umemezele ukuthi uthole izicelo ezibalelwa ku-300 zabaholi abafune ukungena ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi iSouthern African Public Leadership Programme.
“Okusijabulisa kakhulu abantu abafake izicelo banobuhlakani nobuchule kanti bayizinjulalwazi kwezobuholi. Bonke bavela ngaphanse kweSADC,” kusho Mazibuko.
Uthe ngenyanga ezayo bazoqala inhlolokhono yokuhlunga abazobathatha ezoba kuMfumfu ngomhlaka-5 eGoli.
UMazibuko ulaxaze ipolitiki ngo-2014 ngemuva kokungaboni ngasolinye noNkk Helen Zille bebanga eminye yemigomo efana neBlack Economic Empowerment.
UMazibuko wayekholelwa kule migomo efuna i-DA isebenze ngayo kodwa uNkk Zille wayengayizwa kahle.
Lokhu kwenza ukuthi uMazibuko abe neqeqebana lesigungu sabaholi abamnyama elalibizwa ngokuthi I-Black Caucus ngaphakathi ku-DA.
Ngokhetho luka-2014 wanqaba waphetha ngesikhathi i-DA imjuba eGoli njengefolosi layo kwesobuNdunakulu.
Wathi idlala ngaye ngoba ngaleso sikhathi yayisenamandla i-ANC, wathi kungani ingafaki uMnuz Mmusi Maimane.
Wagcina eyilaxaza ipolitiki wayozinza eMelika nokuyilapho afike wafunda khona eHarvard.
UMazibuka udabuka elokishini lakwaV eMlazi, eThekwini nokuyilapho akhulele khona.