Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- USphiwe Isaac Makula obengaphandle ngoshwele uthole iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-19 eDuduza, kanti igama lakhe lifakwe ohlwini lwabahlukumezi bocansi.
Inkantolo izichithile izicelo zokungabi nesandla esiqinile kumsolwa, icaphuna ukugwetshwa kwakhe phambilini ngecala lokudlwengula, yamemezela ukuthi uyingozi emphakathini futhi akakufanele ukuhlunyeleliswa.
USphiwe Isaac Makula (27), obengaphandle ngoshwele ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala eDuduza.
Inkantolo iyalele ukuthi uMakula angafaneleki ukuba nesibhamu futhi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabahlukumezi ngokocansi.
Ngomhlaka-11 kuNdasa ngonyaka ka-2022, umgilwa wayesendleleni egodukayo evela kwamngani wakhe ngesikhathi ehlaselwa nguMakula.
Wambamba wamphoqa ukuthi bangene ehlathini eliseduze nalapho aqhubeka khona nokumdlwengula ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.
Okhulumela i-NPA esifundeni uLumka Mahanjana uthe umgilwa wagitshezwa yisakhamuzi esasikhathazekile samyisa esiteshini samaphoyisa eDuduza lapho afika wabika khona udaba.
“Umsolwa waboshwa ngomhlaka-24 kuLwezi ngonyaka ka-2022 lapho ayehlala khona kanti wagcinwa esitokisini samaphoyisa kusukela lapho.”
Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo, uMakula waliphika icala; nokho umbuso wakwazi ukufakazela ngaphandle kokungabaza ukuthi ngempela walenza icala.
Ekhulumelwa wummeli wakhe wacela inkantolo ukuthi ibale iminyaka emibili ayichithe ejele elinde ukuphothulwa kwecala uma isikhipha isigwebo.
“Umshushisi wombuso uPhumulani Nkalanga usivimbile lesi sicelo ethi uMakula ubengaqali ukwenza icala njengoba wake walenza ngesikhathi engaphandle ngoshwele okuyicala lokudlwengula agwetshwa ngalo ngo-2011.
“Uphinde wacela inkantolo ukuthi ikhiphe isigwebo esinqunyiwe ethi ubucayi becala, ngaphandle kwezimo eziphoqayo neziqinile, akumele kube nesijeziso esincane,” esho.
Ikhipha lesi sigwebo, iMantshi uJuan Voogt uvumelane nombuso wengeza ngokuthi uMakula angeke asalungiseka ngoba wake wagwetshwa ngecala elifuze leli.
“UMakula uyingozi emphakathini, ikakhulukazi kwabesifazane; ngakho-ke kuyintshisekelo yobulungisa ukumsusa emphakathini.
“Angikwazanga ukuthola izimo ezinzima neziphoqayo ukuthi ngiphambuke ekubekeni isigwebo esincane ebesibekiwe,” esho.
Esithombeni esingenhla: Inkantolo yanikeza.
Umthombo: Sithunyelwe