Lungani Zungu
I-Economic Freedom Fighters (i-EFF) izoya okhethweni lomasipala ishoda ngelungu elilodwa ngemuva kokuthi omunye wabazongenela ukhetho ngaphansi kwayo, uThulani Shangase, edutshulwe eMgungundlovu ngeSonto ntambama.
UShangase, obemele i-EFF kusigceme sama-20 kuMasipala waseMsunduzi, udutshulwe endaweni yase-Herwood e-Plessislaer maphakathi nezindawo zasemadolobheni aKwaZulu-Natali.
Bekulindeleke ukuthi abambe umhlangano nama-ejenti eqembu le-EFF, kusho amaphoyisa.
Umzala wakhe uMusa Sibisi uthe uShangase ubehlezi ebeka umndeni wakhe phambili.
“Simpofu ngaphandle kwakhe,” kusho uSibisi.
“Sazi ukuthi uphumele ngaphandle eyophendula ucingo lwakhe okuyilapho adutshulwe wabulawa khona”.
USibisi akakuxhumanisi ukushona kwakhe nepolitiki.
“Ngiyethemba ukuthi amaphoyisa azodalula ubufakazi obuzoholela ekuboshweni kwabasolwa,” kusho uSibisi.
Kodwa-ke, uBheki Msomi, unobhala we-EFF esifundeni saseMgungundlovu, akazange asichithe isizathu sezombusazwe sokubulawa kukaShangase.
“Kunzima ukucabanga ukuthi ukubulawa kukaShangase bekungahlangene nemisebenzi yakhe yezepolitiki. Kuningi ukungabekezelelani kwezepolitiki esifundeni sethu,” kusho uMsomi.
“Kodwa sizovumela abomthetho ukuthi benze umsebenzi wabo ngaphandle kokuphazamiseka”.
Yisona lesi sifunda umholi we-EFF uJulius Malema avinjelwe khona ukukhankasa emasontweni amane edlule ngamalungu e-ANC.
IKZN yaziwa ngesibalo esiphezulu sokubulawa kwabantu kwezepolitiki, ikakhulukazi uma sekubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya.
Bangaphezu kwabangama-36 abantu, iningi labo abavela ku-ANC, ababulawa ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwangowezi-2016.
Izindawo ezisemadolobheni eKZN, ezibandakanya amadolobha aseMgungundlovu kanye ne-Richmond, zaziyizindawo ezidume ngodlame lwezepolitiki ngeminyaka yama-1980, okwaba khona ukuphakama kwabantu abazibiza ngabaphathi bezimpi njengoSifiso Nkabinde, umholi we-UDM ozinze e-Richmond.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vishnu Naidoo ukuqinisekisile ukubulawa.
“Sihlanganise uHlelo Lokuqala ukusebenza amahora angama-72 olubandakanya ukuqoqwa kwezinhlaka ezikhethekile ezifana ne-Crime Intelligence, ithimba lezepolitiki laseKZN, abaseshi kanye ne-DPCI ukuqinisekisa ukuthi ubufakazi, ezobunhloli nolwazi, ezingasiza ukulandelela nokubopha labo ababambe iqhaza, kuyaqoqwa,” esho.
Uthe akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.
Ubengeke aphoqwe ukuthi aphawule ngokuthi ngabe lokhu kubulawa kuhlobene yini nezepolitiki.