Kamogelo Muvhenzhe
U-Adeoye Fawaz usebenza njengomqhubi webhasi futhi ulala ngaphansi kwebhuloho lase-Oshodi e-Lagos, e-Nigeria.
Kodwa lokhu akumvimbanga uFawaz oneminyaka engu-18 ukuthi abe ngumpetha ophindwe kabili kumncintiswano we-Chess kanye nezibalo.
Ushintsho olube impumelelo lwenziwe i-Chess in Slum Africa, inhlangano eyasungulwa ngonyaka ka-2018 nguTunde Onakoya.
Le nhlangano isebenzisa umdlalo we-chess ukunikeza abantu abasha base-Lagos ithemba nesikhathi sokuzilibazisa.
Bahlele ukuqeqeshelwa umdlalo we-chess benzela izingane ezingu-51 ezingenamakhaya ezihlala ngaphansi kwebhuloho. Phakathi nokuqeqeshwa leli qembu belifundisa izingane i-chess kanye nezibalo, babanikeze umsebenzi omningi okumele bazame ukuwuxazulula.
Umsebenzi uphele ngomncintiswano wokuhlola ulwazi abasuke sebenalo.
UFawaz wayengomunye wezintandane eziningi ezazibambe iqhaza, ezinye zazo ezazibaleke emakhaya ziyofuna amadlelo aluhlaza e-Lagos.
Ku-Twitter, u-Onakoya uthe yena nethimba lakhe bahlangane noFawaz enyangeni edlule ngaphansi kwebhuloho base bembhalisela ukuzilolonga.
“Isigaba sokugcina somncintiswano wezibalo sasishesha futhi sinzima kodwa uFawaz wayiphendula imibuzo. Manje ake ucabange ukuthi ngabe laba bafana ubanikeze imfundo efanele yini?! Cabanga nje uma ungabafundisa i-coding?! Cabanga nje ukuthi bangaki kubo asebesilahlekele emigwaqeni ngoba akekho owayebanakile.”
Ngesikhathi eqala le nhlangano u-Onakoya engxoxweni uthe ufuna ukunika intsha eneminyaka engu-11 kanye nabaneminyaka engu-20 into abazoba nethemba ngayo.
“Sesivele sesixhumane namakhaya ezintandane kanye nezikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo njengoba sisematasa ngokubabhalisa futhi senza uhlelo lwezezimali oluzobhekelela imfundo yazo yonyaka olandelayo,” kusho u-Onakoya ku-Twitter.