Obekukholakala ukuthi washona uyaphila futhi uqola abantu 

Lubhalwe i-GroundUp

Umdlwenguli owalahlwa icala lokubulala uThabo Bester noDkt Nandipha Magudumana kusolakala ukuthi benza izigidi ngenkampani engumbombayi ebizwa ngokuthi i-Arum Properties. 

UBester oweqe ejele, kuthiwa ubekhohlisa abantu abaningi ukuthi bakhokhe izigidi zamarandi uma befuna ukwakha kodwa akakaze alethe izimpahla zokwakha.

Amakhasimende e-Arum Properties abona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngemuva nje kokusayina nokukhokha.

I-Arum Properties ibinomcimbi we-Women in Property kwisithabathaba  somuzi kaMagudumana e-Hyde Park, lapho abebehambele lo mcimbi kubikwa ukuthi badayiselwe iphupho elingamanga bathenjiswa ukuthi inkampani izobabiza imali engu-R3-million uma bekhetha ukuyisebenzisa okuxakayo le mali ibiphansi kakhulu kunemali ejwayele ukubizwa ezinye izinkampani embonini yokwakha izindlu zikanokusho.

Kodwa amakhasimende asayine ne-Arum Properties athi awazange ayithole imali yawo.

UBester kuthiwa wethulwa kumakhasimende, isikhathi esiningi uMagudumana ezibiza ngegama likaTK Nkwana.”

Kuthiwa usayine amaphepha omthetho esebenzisa ilayisensi yokushayela nomazisi onenombolo kamazisi ongekho kumarekhodi oMnyango wezaseKhaya.

UTK bekunzima ukusebenza naye futhi unekhanda elishisayo ikakhulukazi uma amakhasimende ecela ukucaciseleka ngesabelomali nokunye. Bekuba nzima ukumthola ngoba wayelokhu esebenzisa izinombolo zomakhalekhukhwini ezahlukene.

Indlela ababesebenza ibihlezi inezinkinga futhi kuhlezi kunokubambezeleka kwezinto okungapheli. Kwesinye isikhathi bekuba nezinto ezibhalwa kuma-invoice ngaphandle kokubonisana nathi kubonakala umncane kakhulu umsebenzi owenziwe.

I-GroundUp ibone izinkontileka ezisayinwe phakathi kwe-Arum Properties namakhasimende, kodwa le nkampani ayikho kwi-database ye-Companies and Intellectual property Commission (CIPC).

 I-“Arum Holdings (Pty) Ltd” ayikho emthethweni kanti uMagudumana uyena yedwa umqondisi wayo. 

Ngemuva kokuthi i-GroundUp ibike ukuthi uBester uyaphila, uMagudumana noBester babaleka kwisithabathaba abebesiqashile e-Hyde Park.

UBester ubebonakala ephila impilo ewubukhazikhazi ngemuva kokweqa ejele. Iwashi lenani lika-R1.5-million litholwe etafuleni eliseceleni kombhede ngemuva kokuthi uBester noMagudumana bephume endlini.

NgoNhlaba nyakenye uMagudumana waya eNkantolo eNkulu ngemuva kokubikelwa ukuthi uBester washonela esitokisini sakhe.

Walanda isidumbu esatholwa esitokisini ezinsukwini ezimbili kushile wasiyisa emakhazeni e-Soweto, kodwa isidumbu bekungesona esakhe. UMagudumana ungudokotela ongusaziwayo futhi ungumnikazi we-Optimum Medical Holding Group.

Abasesithombeni esingenhla: UThabo Bester noDkt Nandipha Magudumana

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva