Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UNhlakanipho Ngwenya oshaywe kanzima wase ephonswa edamini ushone ngemuva kwesikhashana ethole usizo e-Germiston ngoMgqibelo ekuseni.
Enqunu ngenxa yamakhaza asekuseni uye wafinyelela konogada abagade le ndawo.
Bamnike ingubo yokulala base bebiza isithuthi seziguli kodwa ushone ngesikhathi esalinde ukuthi sifike.
UNhlakanipho nomngani wakhe uNathi esingaziwa isibongo sakhe baduke ngomhlaka-30 kuNhlangulana ngemuva kokuthunjwa kwabo nabangani babo abathathu, bashaywa, balahlwa emadamini ahlukene angaziwa ngase-Springs.
USandile Nkosi (40), uMbongeni Nene (23) kanye noBavumile ongaziwa isibongo neminyaka yobudala basindile futhi bachazile ngalolu daba.
UNathi owabonakala ephonswa edamini elingaziwa noNhlakanipho akakatholakali.
Leli qembu labangani lizibonele ngawalo kugqekezwa umuzi Kwa-Thema lapho okwebiwa khona ama-laptop kanye nomakhalekhukhwini. Bahlaselwe yiqulu labantu elifuna ukuthi baveze ukuthi izimpahla ezebiwe zidayiswe kuphi.
Umsolwa kuleli cala uzinikele emaphoyiseni ngemuva kokuthi abalekele lesi sixuku.
Ekhuluma ne-Scroll.Africa ubabekazi kaNhlakanipho, uDudu Mbuli uthe baye babizwa ukuthi bazohlonza isidumbu emakhazeni kahulumeni e-Germiston ngeSonto.
“Ingane kamfowabo ilimale kabi futhi ubeklwebhekile ebusweni sengathi kukhona obezama ukumosha ubuso bakhe ngamabomu.
“Sikwazile ukumkhomba ngama-tattoo amabili esifubeni nasengalweni yangakwesokudla,” esho.
UNkosi osindile uthe uhlalele ovalweni selokhu kwenzeka le nkinga.
“Abasolwa bayingozi futhi bangase babuye bazoqedela abakuqalile njengoba abanye abasolwa abayisithupha besagcwele amathafa.
“Impilo yethu ngeke iphinde ibuyele esimweni esijwayelekile ngemuva kwalolu sizi. Ngisenamaphupho amabi nokudlikizela,” engeza.
Okhulumela amaphoyisa ase-Ekurhuleni uNeldah Sekgobela ukuqinisekisile ukuthi abasolwa ababili baboshiwe futhi bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Springs ngoMsombuluko.
Icala lihlehliselwe kumhlaka-19 kuNtulikazi ukuze kulalelwe isicelo sebheyili.
Esithombeni esingenhla: UNhlakanipho Ngwenya
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo