OBEDAYISA NGEZIDAKAMIZWA E-SOWETO UKHULUMA KONKE: “NGIYAXOLISA KUBANTU ENGIBAMOSHELE IZIMPILO ZABO.”

Everson Luhanga

Ejaha imali nempilo emnandi, uSizakele waba ngumthengisi wezidakamizwa e-Soweto.

Ngokushesha, wathatha uhambo lwakhe lokuqala lokuya eBrazil – ukuyolanda izidakamizwa.

Kwabawuhambo oluyimpumelelo. Wazithola izidakamizwa, kanti wayehleli ebhanoyini esikhumulweni sezindiza e-Sao Paulo elindele ukuya e-OR Tambo.

Kodwa amaphoyisa ayephezu kwakhe.

Bambopha ebhanoyini.

Wabe esedonsa iminyaka emihlanu ejele lase-Brazil.

Nayi indaba yakhe:

Ubaba kaSizakele washona eneminyaka emibili, wabe esekhuliswa ngumama wakhe.

Eminyakeni engama-26, waba yintandane, waphendukela kumalume wakhe ukuze amnakekele – kulapho-ke impilo yakhe yashintsha khona.

Amaphupho kaSizakele okuba ngudokotela aphenduka uthuli, esikhundleni sokumbuyisela esikoleni, wamgqugquzela ukuba abe ngumdayisi wezidakamizwa.

Ekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa emzini wakhe e-Mapetla e-Soweto, uSizekele uthe: “Umalume wami ubenikeza abantu abaningi izidakamizwa e-Soweto nakwezinye izingxenye zesifundazwe. Wayenza imali.

“Wathembisa ukungithengela iRange Rover ngancibilika. Bengifuna leyo moto noma ngabe kungakhathalekile ukuthi ngiyithola kanjani. Ngamujoyina njengomthengisi wezidakamizwa.”

Wayezulazula, ehlinzeka ngezidakamizwa ezindaweni lapho okudayiswa khona ngomzimba, kuma-strip club nasemathaveni.

Wayenza imali futhi impilo imnandi.

Ngemuva kwalokho umalume wakhe wamcela ukuthi aye e-Brazil.

“Bekunemali eningi  yokushushumbisa izidakamizwa ezivela phesheya kwezilwandle,” echaza.

“Ngihleli ebhanoyini, engangikucabanga nje kuphela kwakuyimali enkulu nezimoto ezigijimayo, kodwa lolu hambo lwalungafani nokuthenga izinwele zase-Brazil nokubuyela ekhaya eNingizimu Afrika ukuze ngibukeke ngimuhle. Bekuwuhambo olwashintsha impilo yami unomphela.”

Ngesikhathi uSizakele efika e-Sao Paulo, oxhumana nomalume wakhe wayesembhukhele igumbi ehhotela.

Kodwa owesilisa obekufanele amgade wazama ukumdlwengula.

“Wangitshela ukuthi ukulala naye kwakuphakathi kohlu lwezinto okwakumele ngidlule kuzona ngaphambi kokuba ngushushumbisi wezidakamizwa, kodwa ngenqaba,” uyasho.

“Kwabayiphutha lami lelo.”

Wamusa e&Rio de Janeiro lapho afike wathatha khona izidakamizwa.

“Ngangijabule. Bengikulangazelela ukufika e-OR Tambo ngiphinde ngibonane nomalume wami.”

Kepha kwathi esalinde indiza ukuthi isuke, kwaqhamuka amaphoyisa.

“Bangitshele ukuthi bathole izidakamizwa esikhwameni sami futhi bayangibopha. Bangiyisa ezitokisini zamaphoyisa.

“Amaphupho ami amakhulu aba yiphupho elibi.”

Ngemuva kokuchitha izinyanga eziyisishiyagalombili esitokisini samaphoyisa wanikezwa isigwebo seminyaka emihlanu.

“Bengithukuthelele umalume. Ngambhalela izincwadi ngimthuka yena nezingane zakhe. Bengingakaze ngicabange ukuthi ngiyophinde ngimbone.”

Kepha ngenkathi edonsa isigwebo sakhe, uSizakele wayenesikhathi sokucabanga ngempilo yakhe.

“Ngabona ukuthi ngenza izinto eziningi ezimbi kubantu abaningi. Abanye sebashona. Abanye basahlupheka kuze kube namuhla,” uyasho

Uma engahle ehlangane nabantu abalinyazwe yizidakamizwa azidayisayo, uthi engaxolisa.

Ejele, wazifundisa i-Spanish nesiPutukezi futhi waba ngumfundisi.

Waphinde wathola uthando nowesilisa obengaphandle.

Bebekhulumisana ejele, bethembisana ukuthi bazoshada. Ngemuva kwesikhashana uSizakele waphuma ejele, lelo phupho nalo laphela ngesikhathi naye owesilisa eboshelwa ukudayisa izidakamizwa.

Ngaleso sikhathi, wayesethole ingane yentombazane ogama layo linguPrecious.

Ngesikhathi laba bobabili bebuyela eNingizimu Afrika ngowezi-2013, umalume kaSizekele wayebalinde esikhumulweni sezindiza ukuyobahlangabeza. Bahlala naye, kwathi ezinyangeni eziyisithupha ngemuva kwalokho, wamcela ukuthi aphinde athengise izidakamizwa.

“Ngasuka endlini yakhe ngayohlala nogogo,” kusho uSizakele.

Ngaleso sikhathi ngase ngivele ngimxolele. Bengifuna kube nokuthula phakathi kwami naye.”

Ushone ngowezi-2018.

Kusukela lapho, uSizakele uvule isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezidakamizwa esibizwa nge-Hope of All Nations.

Uthe kushaqisa ukubona isibalo sabantu abasha asebedla izidakamizwa emalokishini aseNingizimu Afrika.

“Sengibone intsha eningi engasebenzi ibhema izidakamizwa bemosha impilo yabo futhi umvalelo wenze kwaba kubi kakhulu,” uyasho.

USizakele manje usecela usizo kulabo abakwazi ukumsiza kulo msebenzi wakhe.

Izihloko zakamuva