Obebalekele elokucwasa ngokwebala ubuyiselwe e-Malawi

Kamogelo Olaitan

Ongowokudabuka e-China osolwa ngokuxhaphaza izingane zase-Malawi ezicwasa ngokwebala kumavidiyo asabalale ezinkundleni zokuxhumana ubuyiselwe e-Malawi ngemuva kokubaleka kuleliyazwe.

ULu Ke, odume ngelikaSusu, ubaleke e-Malawi waya e-Zambia ngoNhlangulana esebenzisa imizila engaziwa ngemuva kwezinsuku i-BBC Africa Eye iphutshuze la mavidiyo. Uhlawuliswe ngokuba ezweni ngokungemthetho wabe esebuyiselwa e-Malawi.

USusu uqophe amavidiyo okubingelela komuntu siqu wawadayisa ngemali engaphezu kuka-R1,000 ividiyo ngayinye.

Ngemuva kokubona la mavidiyo ashaqisayo, izintatheli ze-BBC uRunako Celina kanye noHenry Mhango balandele umkhondo baze bafika esigodini sase-Njena ngaphandle kwenhloko-dolobha i-Lilongwe.

Abantu bendawo bakhomba izintatheli ngakuSusu. I-BBC ibika ukuthi ubekhokhela izingane ngaphansi kuka-K1,000 ngosuku, cishe u-R16, ukuze zicule amazwi anokucwasa njengokuthi “I am a black monster” nokuthi “I am a black monster and my IQ is slow” ngesi-Mandarin.

Kumavidiyo izingane zilingisa lokhu akushoyo ngenkulu injabulo nokumamatheka ngaphandle kokuqonda incazelo  yamagama.

Kodwa-ke, ngesikhathi abaphenyi be-BBC bekhuluma nezingane ezivela kumavidiyo akhe, basola ukuthi ubehlezi ezincinza.

Udayise amakhulu amavidiyo, okubikwa ukuthi wenze imali engaphezu kuka-R1.2 million.

Lesi sihlava sidale isiphithiphithi e-Malawi, kanti kulindeleke ukuthi abafundi bezomthetho kanye nezishoshovu zamalungelo abantu bamashele ehhovisi lenxusa lase-China ngoMsombuluko ngomhlaka-18 kuNtulikazi.

USusu kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngalo lolo suku, lapho ezobekwa khona icala lokwephula imithetho eyahlukene yase-Malawi.

Esitatimendeni sangesonto eledlule, inxusa lase-China e-Malawi lisigxekile isenzo sikaSusu.

“Kuzogcizelelwa ukuthi uhulumeni wase-China akakubekezeleli neze ukucwasa ngokwebala.

“I-China ibilokhu ivala izenzo ezingekho emthethweni ze-inthanethi eminyakeni edlule futhi izoqhubeka nokwenza lokho. Ihhovisi lenxusa lizosebenzisana kakhulu nohlangothi lwase-Malawi futhi liqinisekise ukuthi lolu daba olubi lusingathwa ngendlela efanele,” esho.

Uphenyo lukaCelina noMhango lukhishwe njengephephabhuku le-BBC elithi-Racism for Sale ngoNhlangulana.

Izihloko zakamuva