Ibhalwe nguBuziwe Nocuze
Umbhali waseKapa uPhilasande Phinzi akakholwanga ngesikhathi abangani bakhe bemtshela ukuthi incwadi yakhe iphume ku-Scrolla.Africa – kodwa ngeshwa iphume ngenxa yezindaba ezimbi.
UNwabisa Mgoqi othanda izinkondlo zikaPhinzi zesi-Xhosa, uphoqeleke ukuthi azihaye ezigebengwini ebezifuna ukumbamba inkunzi kodwa zathola ukuthi unencwadi kaPhinzi nethikithi lebhasi kuphela.
UPhinzi uthe unqume ukuthi axhumane ne-Scrolla.Africa ukuze anike uMgoqi izincwadi zakhe ngokuthanda izinkondlo zakhe nakuba ethole ngaphansi kwezimo ezimbi.
“Angizange ngikholwe, kudingeke ukithi ngiyoyibheka le ndaba, bengijabule kodwa ngiphatheke kabi ngokwenzeke kwizisulu,” esho.
Waqala ukubhala izinkondla esemncane.
“Ngesikhathi ngisakhula ukubhala kwakuyinto engiyithandayo. Ngisho nabangani bami babengicela ukuthi ngibhalele izithandwa zabo izincwadi zothando. Ngabhala inkondlo yami yokuqala ngo-2014,” esho.
Uthembise ukunikeza uMgoqi ikhophi yencwadi yakhe entsha ebizwa ngokuthi i-Sidiliya Seselect ukuze aqhubeke nokufunda ekhaya noma emsebenzini.
“Ngiyakucabanga ukuhlukumezeka abebhekene nakho ngesikhathi efunda izinkondlo zami. Bekukubi, futhi ngiyethemba ukuthi lokho ngeke kumenze akuzonde ukufunda.
“Uzoba ngowokuqala ukuba namakhophi alandelayo ezinkondlo engisazozishicilela. Ubengakufanele lokhu okwenzeke kuye, ngiyethemba ukuthi uzolulama maduze.”
UMgoqi ujabule kakhulu ngokuthi uzothola isipho. “Ngisakuthanda ukufunda. Lesi sigameko sizodlula, futhi ngiyabonga kumbhali ngokwenza lokhu okuhle kangaka kimi.”
Ubengazi ukuthi umbhali uzofunda indaba yakhe. “Ukuthi ungifunile waphinde wathi uzonginika incwadi yakhe kukhombisa ukuthi unendaba futhi unobuntu.
“Ngikubheke ngabomvu ukuthola le ncwadi nokuthi ngiyifunde,” esho.
Osesithombeni esingenhla: UPhilasande Phinzi
Umthombo wesithombe: Unikeziwe