Lungani Zungu
Amaphoyisa abophe abantu abangama-62 njengoba umbhikisho ongemuva kwe-#Free Jacob Zuma, oqale eKZN, wasabalala e-Gauteng, eMpumalanga nakwezinye izingxenye zase-Limpopo.
Le mibhikisho, edalwe ukuboshwa kwalowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ngoLwesithathu ebusuku ibe nodlame futhi yavula iminyango yokuthi izigebengu ziphange ezinxanxatheleni zezitolo eKZN nase-Gauteng.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho eKZN uRavi Pillay ulinganisela ukuthi umnotho uthinteka ngezigidi ezi-R100.
Eminye imigwaqo emikhulu eKZN nase-Gauteng ibivaliwe ngeSonto ngemuva kokushiswa kwamaloli nezimoto.
UMengameli uCyril Ramaphosa uphumele obala ngoMgqibelo, wacela ababhikishi abebeseka uZuma ukuthi bayeke imibhikisho yabo ebiphazamisa.
“UMthethosisekelo uyalivikela ilungelo lokubhikisha, kodwa umbhikisho awukwazi ukusetshenziselwa ukwephula umthetho noma ukucekela phansi impahla nokusongela izimpilo. Amacala obugebengu kumele ahlangatshezwe ingalo yomthetho,” kusho yena.
UNdunankulu waseKZN uSihle Zikalala naye uvumile kulokhu.
“Asikwazi ukuvumela noma yiluphi uhlobo lwesigebengu esifundazweni sethu. Sinxusa bonke abahlali ababhikishayo ukuthi bayeke.”
Amaphoyisa abematasa eGoli ngeSonto njengoba ababhikishi abavela kwamanye amahostela bengene emgwaqeni bephethe izinduku kanti abanye babo kuthiwa bebehlomile.
Umgwaqo omkhulu u-M2 ubuvaliwe ngeSonto.
Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa ase-Johannesburg Metropolitan Police (JMPD) uXolani Fihla uthe amaphoyisa abeqaphile ngemuva kokuqhuma kwezibhamu emoyeni.
“Sizobopha abantu abaphazamisayo nabanodlame,” utshele i-Scrolla.Africa.
IJG Foundation ibukeka ihalalisela eceleni njengoba ibiyabelana ngezithombe zokubhikisha nokushisa amaloli nokuvimba imigwaqo ezinkundleni zokuxhumana.
Indodakazi kaZuma uDuduzile naye wabelane ngamavidiyo.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe bangase bavulelwe amacala abantu ababelana ngamavidiyo avuselela udlame ezinkundleni zokuxhumana.
Abakwa-SABC babike ukuthi omunye wabasebenza nabo uphucwe amakhamera nezinye izinto zokusebenza ngesikhathi esebenza e-Alexandra.