Njengoba iqembu le-B&I Lions lizimisele kangaka, ngabe amaBhokobhoko kufanele esabe?

Lucky Sithole

Ochwepheshe be-Studio babikezele ukuthi amaSigma Lions azolahlekelwa okungenani amaphuzu angama-40, noma mhlawumbe amaphuzu angama-50. Ukuqagela kukaLucky bekungukuthi i-British&Irish Lions izolahlekelwa ngamaphuzu angama-30.

Impela kwenzeke njengokusho kochwepheshe kanti uLucky yena akwenzekanga njengokusho kwakhe. Isibalo sokugcina esingu-14-56 ngokuqinisekile siyinkomba yokuthi amadoda ezibomvu awazile nje ukuzodlala – alapha ukuzonqoba.

Banethemba elisabekayo.

Ngenkathi abantu abaningi bebengabaza ikhono lezivakashi lokudlala enkundleni, basuse lowo mbuzo ngesitayela esihle.

Ngesikhathi kukhala impempe yokugcina, abafana bendawo bebehefuzela. Kusobala ukuthi bagijime kakhulu.

Okuhlaba umxhwele kakhulu, yindlela abathole ngayo ama-try abo ayisishiyagalombili – amane awo aqhamuka kowokuqala odlala i-wing uJosh Adams.

Ukweqa umugqa we-try eduze nomugqa wokushaya igoli, kukhombisa ukuthi bebezimisele kakhulu.

Kodwa ukusebenza kanzima kwenziwa ngabadlali abaphambili be-B&I. Njengoba bekulindelekile i-Sigma Lions ibinengcindezi enkulu ngaso sonke isikhathi.

Badlale ngokuzimisela. Akukho ukungabaza ngalokho. Ngakho-ke, ingabe amaBhokobhoko kufanele esabe, Yebo? Noma Cha!

Umqeqeshi uJacques Nienaber angabuka (noma kusobala vele ukuthi uzobuka) ama-try ayisishiyagalombili atholwe yi-B&I Lions ngentshisekelo, kodwa uzobe egxile kakhulu kuma-try amabili abahlulile.

Imidlalo yokuhlolwa ayiwinwa ngamaphuzu atholakale emidlalweni kuphela – kodwa iyawinwa nangamaphuzu anqatshiwe.

Ngabe kusho ukuthini ukugejwa kwama-try amathathu i-B&I Lions emidlalweni emibili (omunye wabo bedlala ne-Japan) njengoba amaBhokobhoko angazange abukeke egeja ama-try ngesikhathi ebhekene ne-Georgia?

Uma i-Sigma Lions ikwazile ukuthola amaphuzu ngokushaya ama-try amabili, kuzokwenzakalani ngama-Springbok adlangile futhi awazibekile phansi?

Kanti futhi kukhona enye inselelo yokuzivikela kuWarren Gatland. Nikeza uCheslin Kolbe, uMakazole Mapimpi noma uRosko Specman isikhala esincane sokwenza abadume ngakho njengoba engekho emhlabeni ongabavimba?

UGatland usenomsebenzi omningi okumele awenze, kodwa usenesikhathi esithile semidlalo esezingeni eliphezulu (njengoba ezobhekana nama-Sharks kanye nama-Bulls) ngaphambi kwemidlalo yokuhlolwa kokuqala mhla zi-14 kuNhlangulana eKapa.

Izihloko zakamuva