Njengesela ebusuku, iNkosi uMswati ibaleke esigodlweni

Lungani Zungu

INkosi yokugcina yase-Afrika, uMakhosetive Mswati III wase-Swatini ubalekile esigodlweni sakhe njengoba imibhikisho ithuthela esigodlweni.

Imibhikisho iqale kancane ngoLwesihlanu kodwa ngoMsombuluko izakhamizi eziningi bese zingenele umbhikisho zibhokile, zishisa izakhiwo zivimba nemigwaqo.

Phakathi kwezinguquko abazifunayo ukuthi iNkosi uMswati anikele ngamandla akhe aqoke undunankulu.

Ababhikishi bathi kwakuwoDlamini kuphela, izihlobo zikaMswati, abaqokwa njengondunankulu. INkosi iphinde iqoke ongqongqoshe beKhabhinethi kanye namalungu ezobulungiswa.

Ababhikishi baphinde banxenxa ukukhululeka kwamaqembu ezepolitiki avinjelwa umthetho kudala ngowezi-1973.

UKenneth Kunene, unobhala jikelele we-Communist Party of Swaziland, uthe lo mbhikisho uzoqhubeka kuze kube kufezwa izimfuno zabo.

“Akukho okuzosivimba manje. Sikhathele ukuholwa ngundlovukayiphikiswa onaka umndeni wakhe nabangani bakhe abaseduze kuphela,” kusho yena.

Unxuse uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuthi angamamukeli iNkosi uMswati uma ebalekela ezweni elingumakhelwane.

I-Economic Freedom Fighters (EFF) e-Swatini inxuse umphakathi wamazwe omhlaba ukuthi ungenelele.

“Izinkulungwane nezinkulungwane zezakhamizi zase-Swazini zisezitaladini zikhalaza ngoHulumeni Omusha Wentando Yeningi ongowabantu,” kusho i-EFF ezinkundleni zokuxhumana.

“Sinxusa umphakathi wamazwe omhlaba ukuthi ungabasizi.”

INkosi inabangani abaningi abasezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika.

Umshana weNkosi, iNkosi uMisuzulu kaZwelithini uyiNkosi ebusa isizwe samaZulu.

Akekho oqinisekisile ukuthi ngabe iNkosi uMswati ibalekile ngempela embusweni wayo kanti imibiko ikhomba ukuthi kungenzeka icashe eGoli.

INkosi ayizange ibe namahloni okubukisa ngengcebo yayo ngenkathi izakhamizi eziningi ziphila ngobumpofu.

INkosi uMswati yathatha isikhundla sobukhosi ngonyaka wezi-1986, eneminyaka eyi-18, waba ngomncane kunabo bonke emndenini wakhe ukuhola isizwe sama-Swati.

Izihloko zakamuva