Ningayithathi kancane i-Uganda, kutshelwa abadlali bebhola lezandla

Timmy T Maranda

Abesifazane bebhola lezandla i-netball baseNingizimu Afrika banerekhodi lokunqoba ngo-10-2 bebhekene ne-Uganda, kodwa lokho akusona isizathu sokuzethemba ngokweqile.

Ukaputeni we-Spar Protea uBongiwe Msomi uxwayise ozakwabo ukuthi bangayithathi kancane i-Uganda uma bedlala nayo ngoLwesine.

I-Spar Proteas azoqala uchungechunge lwe-Tri-Nations ngokudlala neqembu lase-Uganda i-“She-Cranes” e-Cape Town International Convention Centre. Azikho izibukeli ezivunyelwe futhi imidlalo izodlalwa ku-‘bio-bubble ‘ngenxa yemikhawulo ye-covid-19.

UMsomi uthe bayabonga ukuthola isikhathi somdlalo namazwe afana no-Uganda ne-Namibia.

“Sizosingatha iNdebe Yomhlaba ngowezi-2023 kodwa futhi sinemidlalo ye-Common Wealth ezoza ngonyaka ozayo futhi lesi yisikhathi esifanele sokuzilungiselela,” esho.

“Ukuxhumana, inhlanganisela kanye nokujula akuzi nje ngobusuku obubodwa. Lokhu kuzonikeza wonke amantombazane ithuba lokuncintisana.”

Uthe balwela ukunqoba.

“Lokho kuzonikeza amantombazane ukuzethemba kodwa kufanele senze njengeqembu kuqala bese ekugcineni imiphumela izofika. Asikwazi ukubabukela phansi, futhi kusobala ukuthi bangamazwe ase-Afrika futhi kunomsebenzi omningi okufanele uwenze uma ufuna ukunqoba uma udlala nabo.”

I-Spar Proteas idlale ne-She-Cranes amahlandla ayi-12 esikhathini esedlule, akwazi ukunqoba amahlandla ayishumi futhi ahlulwa kabili ngesilinganiso esimaphakathi esingama-50-30. Ukunqoba okukhulu kweNingizimu Afrika kube seNdebeni yoMhlaba ebise-Liverpool, lapho behlule khona i-Uganda ngo-67-40.

Ngonyaka odlule bakhiphe i-Uganda ngo-50-47 enkundleni efanayo ngowezi-2019. 

Umdlalo uzoqala ngo-18h00.

Umthombo wesithombe: @NetballSA

Scrolla World Cup Quiz