Everson Luhanga
U-Everson Luhanga uthi udlame olumphoqe ukuba aye e-Limpopo. Kule ndawo, ubone ukuthula nempilo yasemaphandleni, naphezu kobunzima bomnotho kanye nemizabalazo yansuku zonke.
Ngesikhathi ngiqala uhambo oluya ezindaweni zasemakhaya zase-Limpopo kuMasipala weNdawo i-Letaba, ngibone indlela abantu base-Afrika abaxhumene ngayo ngezindlela eziningi ngemizabalazo ehlanganyelwayo.
Lokhu ukunqobaLokho kubonakala naphezu kwezinkinga ezikhulayo, ezikhuliswa ubumpofu obuzala inzondo.
Ngesikhathi ngifika, bengingazi muntu ezigodini futhi bengingakwazi kahle ukukhuluma isi-Pedi. Bengazi ukuthi abantu ebengizoxoxa nabo babezongithatha ngokuthi ngiyisivakashi ezigodini zabo futhi bangiphathe njengomuntu ongaziwa.
Kodwa benginephutha elikhulu.
Wonke umuntu – ngisho nabaholi bendabuko, amakhosi nezindlunkulu – bangamukele ngezandla ezimhlophe. Ngize ngahlala phakathi esigodlweni esibukhazikhazi seSilo uRaphahlelo.
Abantu baphila ngokuthula nangokuzwana kulezi zigodi. Ngokungafani nalapho engijwayele ukwenza khona umsebenzi wami wobuntatheli elokishini laseGoli e-Alexandra, elinye lamalokishi agcwele ubugebengu kuleli. Abantu bakulezi zigodi bashiya izimoto zabo zingakhiyiwe zivuleke amawindi uma bengena ezitolo ngaphandle kokukhathazeka.
Lezi zigodi zinemigwaqo ewubhuqu, enamagquma kanti ayinawo amalambu asemgwaqeni. Ukuhamba ebusuku kubukeka kuyingozi.
Ngiye ngashaqeka ngesikhathi ngibona abesifazane behamba emgwaqeni ebusuku becela ukugitshezwa imoto ngabashayeli abadlulayo. Bebehamba bodwa noma ngamaqembu amancane behleka futhi bexoxa ebusuku.
Abanye bebebonakala bephusha amabhala agcwele izinkuni ebumnyameni basebusuku, bengayiboni ingozi.
Bebebukeka bekhululekile. Ngisize abantu abambalwa abebecela ukugitshezwa emotweni.
Ngithuswe ukuthi kulezi zigodi busekhona ubuntu njengoba ngifike lapha ngibalekela izinsongo zodlame eGoli.
Izinkomo, izinkukhu, izimbuzi kanye nezimbongolo zizulazula emigwaqeni. Abashayeli bezimoto bashayela kahle ngaphandle kokushayisana. Kujwayelekile kubo.
Lezi zindawo zinokuthula, kodwa akukho ukuzijabulisa okuningi esingakhuluma ngakho.
Kwenye yezindawo zakhona ezimatasa – indawo ebizwa nge-Wholesale – kunendawo yokugcwalisa uphethiloli kanye nendawo yokudayisa amanzi amponjwana. Njalo ntambama, abantu bayafika bezothenga utshwala, baphumule bese bedlala amadayisi.
Ngezinye izikhathi bengike ngibajoyina (ngaphandle kokuthi angiwadlali amadayisi ngoba ngisadinga ukufundiswa).
Esigodini esingumakhelwane sase-Ga-Mamaila ebengihlala kuso, iNkosi yakhothama ngasekupheleni kwanyakenye futhi ngokwemithetho yendabuko, akekho ovunyelwe ukwenza umcimbi noma ukudlala umculo onomsindo cishe unyaka wonke. Abesifazane abavunyelwe ukugqoka amabhulukwe isikhathi sonke sokuzila esiyizinyanga eziyisishiyagalombili. Izingubo ezinde kuphela ezihloniphekile neziketi ezivunyelwe ngalesi sikhathi.
Kuthulekile kulesi sigodi. Amahhovisi obukhosi base-Ga-Mamaila ahlinzekwa ngabammele iNkosi. Abantu baqinisekisa imibhalo yabo futhi abanye babuza ngezomhlaba.
Kodwa-ke, izigodi ziphile kakhulu ngoSuku Lwentsha, ngesikhathi kuhlelwa imiqhudelwano embalwa yebhola lezinyawo nelomnqakiswano.
Ngiye e-Venda e-Ha-Mashamba lapho okudabuka khona umculi odumile uMakhadzi. Bekujabulisa ukubona abantu bejabule.
Abancane nabadala, bafike ngobuningi babo ukuzokweseka amaqembu abo. Izihlabani zebhola likanobhutshuzwayo ezithembisayo zikhombise amakhono azo enkundleni yezemidlalo.
Izinhlobonhlobo zezibiliboco, njengomoba, isiphuzo esibandayo nenyama ye-braai, bezithengiselwa ababukeli.
Angikwazanga ukuzibamba nami ngizithengele umoba ngamunca ushukela wemvelo.
Ngesikhathi ngibuyela lapho ebengihlala khona e-Ga-Raphahlelo, bekugcwele imigubho, ngajoyina abantu bendawo abebenandiselwa oDJ bakhona.
Ngesonto engifike ngalo, iNkosi ibiyalele ukuthi kungabi nomsindo wanoma yiluphi uhlobo lokuzijabulisa noma umculo onomsindo kuze kubuye abafana abebeyosoka ezintabeni.
Kodwa isigodlo senze okuhlukile ngoSuku Lwentsha, sivumele abantu ukuthi bazijabulise.
Abantu bendawo bebegqoke kahle – befake umfaniswano wesikole, izingubo zamasiko kanti abanye bebegqoke izingubo zabo nje ezipholile – badansa ubusuku bonke.
Angikwazanga ukuzibamba – kudingeke ukuthi ngijoyine. Wonke umuntu ubejabule. Ukumamatheka, ukuhleka, imidanso kanye nomculo. Ubusuku obuhle kangaka, bucishe bangenze ngakhohlwa izindaba eziningi ezimbi engibhale ngazo kuleli sonto.
Lezi zigodi, esezikhohlakele phakathi kwezinxushunxushu ezikhungethe izwe lonke, zinabesifazane abahle, abantu abathanda ukuvelela, izindaba zethemba, inhlonipho nokuthula. Okwamanje, bahlezi bephephile kanti futhi ngisazobuya kule ndawo.