Lubhalwe nguMichael Madyira
Owayengumdlali weBanyana Banyana uPortia Modise akaliniki’thuba iqembu lakuleli kwiNdebe Yomhlaba Ye-Fifa Women’s World Cup ka-2023.
Abadlali beBanyana abaqeqeshwa uDesiree Ellis bazobonakala okwesibili eNdebeni yoMhlaba ngemuva kokubamba iqhaza kwabo okokuqala e-France ngo-2019.
Bazobhekisa amabombo emqhudelwaneni webhola lomhlaba ozosingathwa i-Australia ne-New Zealand kusukela ngomhlaka-20 kuNtulikazi kuya kumhlaka-20 kuNcwaba.
I-Sweden, i-Argentina ne-Italy yibona abazoqhudelana neBanyana esigabeni samaqoqo.
“Ngicabanga ukuthi basafunda,” kusho umshayi magoli ohamba phambili weBanyana uModise etshela i-Scrolla.Africa.
“Kuyinto enhle ukuthi bangenele iNdebe yoMhlaba futhi ngiyabahalalisela. Kodwa ngicabanga ukuthi abakafiki lapho bezoqhudelana namaqembu aphezulu emhlabeni.
“Yebo banaso isipiliyoni seNdebe yoMhlaba edlule, kodwa abakaqini ngokwanele ukuthi bangabhekana nenselelo namaqembu amakhulu.
“Bheka nje imiphumela yabo ngesikhathi samalungiselelo. Lokho kuyakutshela okuningi. Kuningi okudingeka kwenziwe, badinga ukuthuthukiswa kakhulu.”
Ekulungiseleleni kwabo iNdebe yoMhlaba, imiphumela yeBanyana uma ibhekene namaqembu amakhulu ibingenamdlandla.
Bashaywe i-Brazil ngamagoli amathathu eqandeni kwathi ompetha be-South Ameri babashaya ngamagoli ayisithupha eqandeni komunye umdlalo wobungani wamazwe ngamazwe.
Iqembu lika-Ellis laphinde lahlulwa ngamagoli amane kwelilodwa i-Australia e-London, ngaphambi kokuthi lishaye i-Uzbekistan ngamagoli amathathu eqandeni kowe-Turkish Women’s Cup.
Lokho kulandelwe umdlalo owaphela ngokulingana (1-1) ne-Slovenia. Umdlalo wabo wokugcina bahlulwa i-Serbia ngamagoli amathathu kwamabili ngoMbasa.
ENdebeni yoMhlaba ezayo, iBanyana izobe ifuna ukuwina njengoba ihlulwe kuyo yonke imidlalo yayo yamaqoqo ibhekene ne-Spain, i-China ne-Germany.
Isithombe esingenhla: Abadlali beBanyana Banyana
Umthombo wesithombe: IBanyana Banyana