Ngzomzuzu wokugcina kufike uPhilani Mavundla umholi weqembu i-Abantu Batho Congress ezokweseka iqembu le-ANC

Celani Sikhakhane

Umngani omkhulu kalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma kanye nomholi we-Abantu Batho Congress, uPhilani PG Mavundla, ufike ngomzuzu wokugcina ukuzohlenga i-ANC ekulahlekelweni umasipala weTheku.

UMavundla uhlanganyele ne-ANC ngoLwesithathu, kwethusa amalungu amanye amaqembu aphikisayo.

Lowo owake waba yimeya kamasipala waseMvoti e-Greytown uvule indlela yokuthi uMxolisi Kaunda we-ANC athole isikhundla sobumeya aphuce iqatha emlonyeni owe-DA uNicole Graham.

UKaunda uthole amavoti ayi-113 eqhathaniswa nayi-104 kaGraham, ngemuva kwangama-219 angabalwanga.

Ngokubuyisela umusa wakhe uMavundla uklonyeliswe ngesikhundla sokuba yiphini lemeya yeTheku.

Ngemuva kokuzwakala lokho akwenzile, amalungu amaningi amaqembu aphikisayo aqale amusho ngezinhlamba, amanye embiza “ngomthengisi”. Amakhansela e-EFF amsola ngokwamukela ukugwazelwa yiqembu elibusayo ukuze athole isikhundla sakhe esisha.

UMavundla uzichithile lezi zinsolo.

“Kungenzeka ukuthi angisona isicebi esingcolile, kodwa uma umuntu engithenga kuzomba eqolo. Angidayisi, ngiyazi ukuthi ngimeleni,” kusho uMavundla etshela i-Scrolla.Africa.

UMavundla owayeyilungu le-ANC ngonyaka wezi-2011, waba yimeya yokuqala yezwe ukwenqaba umholo wakhe. Ngokuhamba kwesikhathi wahlubuka ku-ANC ngemuva kokukhungatheka. Wasungula i-Abantu Batho Congress ngemuva kwesikhashana ne-NFP.

Ngesikhathi umkhandlu uhleli okokuqala ngoMsombuluko, uMavundla uphikise isikhundla sikaSomlomo ephikisana noMnumzane uThabani Nyawose we-ANC, kodwa wehlulwa.

Amalungu aphikisayo athe aphatheke kabi kakhulu njengoba uMavundla ehambele yonke imihlangano yawo ngaphambi kokuthi agxumele kwi-ANC.

Empeleni uNyawose ubegaqele isikhundla sobumeya futhi ubengalindele ukuthi aqokwe njengoSomlomo. Uze wazithwebula ehlaba izinkomo ngempelasonto eyobikela amadlozi ukuthi usezoba imeya yeTheku. Le vidiyo isabalale kabanzi ezinkundleni zokuxhumana.

Izihloko zakamuva