Dylan Bettencourt
I-Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kuzomele banqobe emdlalweni yabo yomlenze wokuqala uma befuna ukuhlala emiqhudelwaneni ye-Confederation of African Football (i-CAF).
Womabili la maqembu ahlulwe kowe-CAF Champions League kanye nowe-Confederations Cup ngempelasonto edlule.
Okushaqise kakhulu kungesikhathi i-Sundowns ihlulwa ngo 2-1 ibhekene ne-Petro de Luanda e-Angola. Kodwa-ke ama-Brazilians aqinisekile ukuthi azozibekisela indawo kowandulela owamanqamu.
Njengoba umdlalo womlenze wesibili useNingizimu Afrika, i-Sundowns izozizwa izethemba ukuthi izoyeqa lenselele bese iqhubeka nesizini yayo encomekayo.
Umlenze wesibili phakathi kwe-Sundowns ne-Petro de Luanda uhlelelwe uMgqibelo ngo-6 ntambama, bukhoma esiteshini se-DStv 208.
Eqenjini le-Pirates isimo sishube kakhulu. AmaBhakabhaka ahlulwe ngo 1-0 yiqembu lase-Tanzania i-Simba SC emdlalweni obushubile.
Iqembu le-Pirates belingeneme ngempatho eliyitholile futhi lithi beliphethwe “njengezilwane” – isitatimende i-Simba SC engazange isithathe kalula. Sebexoxile nabammeli babo.
Umlenze wesibili uzoshuba njengoba i-Pirates ibheke ukuwina ngo 1-0 ekhaya ngeSonto ngo-6 ntambama.
Lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 208.
Yimpelasonto yomjaho kanti kulokhu i-Formula 1 ilibangise ekhaya le-Ferrari e-Italy kwi-Emilia Romagna Grand Prix.
I-Ferrari ne-Red Bull bezilokhu ziya emuva naphambili ngezimpelasonto ezine ze-Grand Prix kule sizini futhi abalandeli bangalindela okufanayo kulokhu.
I-Ferrari izongena kule mpelasonto njengezintandokazi uma kubhekwa umjaho wabo wasekhaya futhi banephuzu okumele balufakazele – iphuzu lokuthi bangakwazi ukusekela leli fomu elihle futhi bawine phambi kwabalandeli babo. Lokho yinto engakaze yenzeke kaningi.
Umshayeli wabo uCharles Leclerc uhola i-Driver’s Championship ngamaphuzu angu-32 futhi uzobheka ukwelula lokho kule mpelasonto.
Yimpelasonto yokuqala ye-Sprint Race yesizini, okusho ukuthi ukuhlungela kuzokwenzeka ngoLwesihlanu ukuze kunqunywe umyalelo womjaho omfushane ngoMgqibelo. Umjaho omfushane ube usunquma igridi yomjaho wangeSonto.
Okunye okuqinisekile ukuthi kuzoba nomjaho wamasondo nokucima kwezibani e-Italy ngo-3 ntambama ngeSonto, bukhoma esiteshini se-DStv 215.
Njengoba umjaho webhola likanobhutshuzwayo we-Uefa Champions League ushuba, i-Arsenal izobheka konke bese iqeda amathemba e-Manchester United wokuqeda emaqenjini amane ahamba phambili uma isidudulana ngoMgqibelo.
I-Arsenal iya kulo mdlalo kulandela ukuwina okukhulu ngo 4-2 bedlala nezimbangi zase-London i-Chelsea ngoLwesithathu ebusuku. I-United nokho iqhamuke ngemuva kokuhlulwa ngo 4-0 yi-Liverpool.
Emdlalweni okufanele amaqembu womabili awine kuwona i-Arsenal izoba nenzuzo yasekhaya kodwa i-United ingase ibe nokuhlengwa emiqondweni yayo.
Umdlalo uzoqala e-Emirates Stadium ngo-1.30 ntambama ngoMgqibelo, bukhoma esiteshini se-DStv 203.
Umthombo wesithombe: @SoccerLaduma