Lucky Sithole
Njengoba kusasele amabhola ayisithupha emdlalweni elandayo i-India kumele idlalele ukufa nokuphila.
Yize iNingizimu Afrika isivele ithole indawo kowandulela kowamanqamu, i-India kumele iwine ukuze idlulele phambili ukuze iwine badinga ukuvimbela iNingizimu Afrika ekutholeni ama-runs ayisikhombisa emabholeni ayisithupha okugcina. Uma behlulwa ilokho, bazophuma.
UDeepti Sharma uzophosa ibhola ekugcineni.
Ibhola lesibili lizophoswa: uMignon du Preez edlalisana noSharma kwi-side on. Kuyishothi enhle kumuntu oyedwa kodwa uDu Preez uthatha ama-runs amabili, okushiya u-Trisha Chetty elele futhi ephuma kalula.
Njengoba amabhola amabili esele iNingizimu Afrika idinga ama-run amathathu. U-Du Preez nguyena ongundlali ihamba phambili. Udlale kahle enkundleni waphuma nama-runs amane.
Kodwa ibhola livele laqonda ezandleni zikaHarmanpreet Kuar okuveze uDu Preez emangala waqede waphuma enkundleni, abesifazane base-India bayabungaza – futhi kufanele. Babuka umdlalo unqotshiwe, kunjalo? Noma cha!
Esikrinini esikhulu unompempe wesithathu ukhombisa ukuthi uSharma weqe umugqa. Isithende sakhe siphume ngamamilimitha phezu komugqa, unompempe wayithatha njenge-No ball.
UDu Preez ubuyela kwi-crease esenkundleni waqedela umsebenzi ngokuthola ama-runs amabili ebholeni lesibili lokugcina.
INingizimu Afrika inqobe ngamawikhethi amathathu.