Ngubani inkunzi phakathi kukaMessi noRonaldo?  

Lubhalwe e nguDylan Bettencourt

Sekuphele iminyaka eminingi abalandeli bebhola bephikisana mayelana nokuthi ubani ingqwele phakathi kukaLionel Messi noCristiano Ronaldo, kodwa leyo mpikiswano manje isibukeka iseduze kakhulu ukuthi ixazululeke.

Ngaphandle kokuthi iNdebe yoMhlaba yase-Qatar iletha injabulo kubalandeli, kodwa iphinde yavusa inkulumompikiswano yokuthi ngubani umdlali insephe.

Inkulumompikiswano ifaka uMessi noRonaldo. Nokho kuhlale kunendondo eyodwa ebihlezi ibaphutha bobabili abadlali, nokungase kuxazulule inkulumo-mpikiswano uma kukhona ongayithola phakathi kwalaba bobabili.

Phakathi kwalaba badlali akekho oseke wawina iNdebe yoMhlaba. Lo mdlali wase-Argentina wasondela kakhulu ngesikhathi yena neqembu lakhe befinyelela kowamanqamu ngo-2014 wathola umklomelo womdlali ovelele, kodwa wehluleka ukuwina indebe yeNdebe yoMhlaba.

Njengoba bobabili abadlali sebezofika ekupheleni kwemidlalo yabo e-Qatar okungenzeka kube iNdebe yoMhlaba yokugcina yabo, oyedwa wabo ubukeka evelele kanti omunye ubukeka esithwa isithunzi somunye.

Kuze kube manje indlela adlala ngayo uMessi sekucacile ukuthi uzongena emlandweni webhola njengomdlali ongumpetha ebholeni.

Ube ngumdlali ovelele e-Qatar ehola izwe lakhe phambili ngemidlalo ethokozisayo.

Lo mgadli we-Paris Saint-Germain useshaye amagoli amahlanu wasiza kwamathathu ukufaka iqembu lakhe kowamanqamu eNdebe yoMhlaba.

Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala usewine imiklomelo emine njengomdlali ovelele emidlalweni eyisithupha.

URonaldo ukwazile ukushaya igoli elilodwa kuphela, kodwa ukhishwe wahlala ebhentshini ngemuva kokudelela umphathi weqembu le-Portugal. 

Bekubonakala izoxazululeka inkulumompikiswano ukube phakathi kwalabadlali bobabili ukhona ongase awine eyoMhlaba, kodwa le nkulumompikiswano ingase ingapheli.

Umehluko phakathi kukaMessi noRonaldo bufana nobusuku nemini, okwenza kube nzima ukubaqhathanisa.

Uma i-Argentina izonqoba iNdebe yoMhlaba kuleli Sonto ngeke kube nokungabaza ngokuthi ubani ozokhunjulwa njengomdlali ongumpetha.

Futhi kuzwakala kubhaliwe ezinkanyezini ukuthi uMessi ekugcineni uzophakamisa indebe yeNdebe Yomhlaba kulokho okungenzeka kube umzamo wakhe wokugcina, kanti uKylian Mbappe angasho okuthile ngalokhu. 

Isithombe esingenhla nguLionel Messi noCristiano Ronaldo

Umthombo wesithombe: TeamTALK

Izihloko zakamuva