Ngolwesihlanu oluzayo usuku lokwahlulelwa lephoyisa elibulalela imali yomshwalense

Everson Luhanga

URosemary Ndlovu uzokwazi ngekusasa lakhe ngoLwesihlanu, mhla zingama-22 kuMfumfu.

NgoLwesine icala elidonse isikhathi eside liphethwe ngabashushisi abacele ukuthi lowo owayeyiphoyisa ajeziswe kuwo wonke amacala abhekene nawo.

Lokhu kufaka phakathi ukubulala amahlandla ayisithupha, ukwakha itulo lokubulala nokukhwabanisa.

Bangama-82 ofakazi abathule ubufakazi.

Njengenjwayelo, ummangalelwa ufike enkantolo egqoke kahle nezinwele zakhe sezenziwe kahle.

Walalela ngokucophelela ngesikhathi ummeli wakhe wezokuvikela u-Advocate Soko ebeka udaba lwakhe. Uyakuphika ukubulala amalungu omndeni ayisithupha ukuze enze imali ngemishwalense yawo.

Ngenkathi umbuso ukhuluma enkantolo ngamalungu omndeni okusolwa ukuthi abulawa ngenxa yemali yomshwalense, umshushisi uthe kukhona okufanayo ngendlela okwenziwa ngayo ubugebengu.

Umshushisi uRiana Williams uphawule wathi ummangalelwa ubehlezi engowokuqala owaziswayo njalo ngemuva kokubulala.

Njengoba kubikiwe phambilini, lokhu kungenxa yokuthi kuthiwa wayezibala njengesihlobo kuzinqubomgomo.

Izihloko zakamuva