Lungani Zungu
ObeyiMeya ye-DA eGoli uMpho Phalatse angeke ehle esikhundleni ngaphandle kokulwa.
NgoMsombuluko ufake amaphepha enkantolo ngenhloso yokufuna ukuthi umhlangano okhethekile womkhandlu wangesonto eledlule uchithwe.
UPhalatse ukhishiwe esikhundleni sakhe ngemuva kokuthi amaqembu aphikisayo ethule isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ngesonto eledlule.
UDada Morero we-ANC uqokwe njengeMeya.
“I-DA izolwa kuze kube sekugcineni ngalolu daba,” kusho uPhalatse esitatimendeni ngoLwesibili ekuseni.
Udaba luzolalelwa ngomhlaka-11 kuMfumfu.
Emaphepheni aseNkantolo uPhalatse ubalule ihhovisi likaSomlomo kuMasipala waseGoli njengo mmangalelwa wokuqala.
USomlomo osanda kukhethwa uCollen Makhubele ungummangalelwa wesibili, kanti iMeya entsha ye-ANC eGoli uDada Morero ingummangalelwa wesithathu.
“Sizogxila ekubuyiseni uMasipala waseGoli siphinde sivimbe i-ANC namadlelandawonye ayo ukuthi bangayenzi inkohlakalo,” kusho uPhalatse.
Uthe i-DA angeke ime ibukele i-ANC namadlelandawony besebenzisa lezi zindlela azibize ngenkohlakalo ukuze bathathe izintambo.
UPhalatse uthathe izintambo ngemuva kokuthi amaqembu aphikisayo esungule uhulumeni wobumbano kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi.
Kodwa-ke lo mfelandawonye ubuye wabhidlika ngemuva kokuthi amaqembu afana ne-Economic Freedom Fighters, i-Patriotic Alliance (PA), namanye bejikele i-DA njengo tshwala esiswini.
Baqala ngokukhipha uSomlomo we-DA uVasco da Dama ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe, base belandela ngoPhalatse ngeledlule.