“Ngizokubulala uma sesingaphandle. Awungazi kahle”- kusho uMalema

Lungani Zungu

Umholi we-EFF uJulius Malema useyekile ekuculeni iculo elithi-Kill the Boer, wasabisa ngokubulala ilungu le-Pan-African Parliament (PAP) kuleli sonto.

Kuqubuke isiphithiphithi ngemuva kokuthi uMalema eshintshisane ngenhlamba nelungu le-PAP ngesikhathi kunomhlangano e-Midrand, eGoli. 

UMalema uzwakale ethi, “Ngizokubulala uma sesingaphandle. Awungazi kahle.”

Ngaphambi kokusongela, uMalema utshele leli lungu ukuthi lingabangi umsindo.

Akucaci ukuthi yini edale ingxabano.

USotswebhu we-ANC uPemmy Majodina, naye oyilungu le-PAP, ubephakathi kwabantu ababonakale bezama ukwehlisa umoya kuMalema.

Umhlangano we-PAP uhlehlisiwe ngoLwesine ngenxa yotholakale ene-Covid-19.

I-PAP yakhiwe yizishayamthetho ezivela ezifundeni ezahlukahlukene zase-Afrika.

Izihloko zakamuva