Ngizinikele emsebenzini wami weBafana- Broos

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos usebuyile eNingizimu Afrika esuka e-Belgium kanti useqondise amahlebezi okuthi angase ahambe.

UBroos ukucacisile ukuthi akakaze athenjiswe umsebenzi kwamanye amazwe futhi wagcizelela ukuzibophezela kwakhe endimeni yakhe njenga manje njengo mqeqeshi weqembu lesizwe lebhola laseNingizimu Afrika.

“Uma uHugo Broos eshiya iNingizimu Afrika kuyobe kuyisinqumo se-Federation. Njenga manje ngijabule ngomsebenzi wami futhi ngijabule nangeqembu,” esho.

Ngesikhathi kune-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoNhlolanja e-Ivory Coast, iNingizimu Afrika yathole indawo yesithathu yaphinde yathola nendondo ye-Fair Play.

Kuleli sonto uBroos uhlela ukuhlangana nethimba lakhe labaqeqeshi ukuze akhethe abadlali abazodlala imidlalo yobungani yamazwe ngamazwe ngoNdasa lapho bezobhekana khona ne-Andorra ne-Tunisia.

Uke waveza ukuthi kungenzeka kwethulwe abadlali abasha ohlwini lwabadlali abazoba yingxenye yamalungiselelo emidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 lapho iNingizimu Afrika izobhekana ne-Nigeria ne-Zimbabwe ngoNhlangulana.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: UHugo Broos.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva