Ngiyintombazane yaseJozi enephupho- Tyla

“Ngiyaziqhenya ngeNingizimu Afrika nangomculo wethu!” kusho uTyla isihlabani saseNingizimu Afrika ngesikhathi ewina indondo yakhe ye-Grammy.

Kusukela ecula nezingane zakubo kuya ku-Instagram ogcwele amakhava akhe, umculo kaTyla udonse abantu asebephumelele kulomkhakha.

“Bengizama konke engithanda ukukwenza ngoba ngiyakuthanda ukulingisa, ukumodela, ukucula nokudansa futhi ngangizama izinto ezahlukene ukuze ngingene kulo mkhakha,” kusho uTyla oneminyaka engu-22 ubudala etshela i-TshisaLIVE.

Bekubekungelula ubhalansisa izincwadi nokuvele kumavidiyo omculo kuTyla.

“Isikole sibalulekile, siyisisekelo. Nakuba ngingazange ngiqhubeke nokufunda ngemuva kokuqeda umatikuletsheni kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi ngiyasiqeda isikole. Uma unezinye izinto ofuna ukuzenza ungabhalansisa. Sengikwenzile kanti futhi baningi abantu abakwenzile empilweni,” kusho yena.

Kuningi okwenzekile kusukela ngalezo zinsuku ngisafunda. Njengamanje ubonakala nabaculi abaphezulu okubalwa uChris Brown futhi unezinye izingoma zakhe ezihlanganiswe kabusha noTravis Scott kanye noMarshmello.

“Ekuqaleni ngangingafuni ukwenza i-remix engomeni yami ethi Water ngoba ngangicabanga ukuthi lengoma inamandla futhi ilokhu ikhula usuku nosuku. Kodwa-ke inkampani engiqophe kuyo yathi, ‘uTravis ufuna ukwenza i-remix ngengoma yami engakuphendula ukuthi muthumeleleni amafayela’,” kusho uTyla

Njengoba ephethe i-Grammy esandleni uTyla omele amapiano esuka eJozi ehamba umhlabeni wonke uyakufakazela ukuthi kunethalente elikhulu emculweni waseNingizimu Africa.

“Ngiyintombazane yaseJozi nje ephila iphupho, ngenza i-Afrika iziqhenye ngami kancane kancane.”

“Ngiyajabula ukuthi ngingaba yisibonelo kwamanye amantombazane nabafana base-Afrika. Ningizimu Afrika sekuyisikhathi sokuthi siqhakaze.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: UTyla ne-Grammy yakhe.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva