Arthur Greene
Izizwe ezidla izambane likapondo zasentshonalanga sezithathe isinqumo sokukhipha umgomo wesithathu we-Covid-19 esikhundleni sokuba banikeze amazwe anabantu abancane abasathole umgomo we-Covid-19.
Lokhu bakwenza ngemuva kokuba bangalaleli imiyalelo ye-World health organazation(WHO) eyakhipha umyalelo othu imigomo esele kumele inikezwe amazwe asathole imigomo emincane ye-Covid-19, njengoba amanye alawomazwe awase-Afrika.
Isinqumo esithathwe amazwe adla izambane likapondo esithi bazokhipha imigomo yesithathu ye-Covid-19 ukuze bavuselele, ngoba ucwaningo luveze ukuthi umgomo we-Covid-19 uphelelwa amandla ngemuva kwezinyanga eziyisihlanu. Kodwa ucwaningo luveza ukuthi basakwazi ukugcina abantu bephila ngaphandle kokuba sesibhedlela.
UJohn Nkengasong ongumqondisi ophethe abalawuli nabavikeli bezifo kumazwe ase-Afrika uthe sekucacile ukuthi amazwe adla izambane likapondo angakhetha ukunciphisa isibalo sabantu abane-Covid-19 ezweni labo kunokuba basize amazwe anesibalo esiphezulu sabantu abashonayo.
“Sesikujwayele ukudlula kwabantu emhlabeni kumazwe asathuthuka, yingakho ngisaba ukuthi i-Afrika izoba izwekazi lapho kugcwele khona i-Covid-19” kusho uJohn.
UNkengasong uthe lokhu okwenziwa ezinye izizwe ezidla izambane likapondo “kungase kubalimaze ngoba lokhu kuvula ithuba lokuqhamuka kwesinye isigaba se-Covid-19 okuzofakela inselelo kulamazwe anabantu asebegome bonke”.
Ngesonto eledlule izwe lase-France lilandele iMelika, ne-Germany kanye namanye amazwe angama-20 ukuba bazokhipha umgomo wesithathu we-Covid-19, njengoba ucwaningo luveza ukuthi umgomo uphelelwa amandla emzimbeni ngokuhamba kwesikhathi.
“Uma ubuka ngendlela elula, uma sinikeza umgomo wesithathu kunoma ubani lokhu kukhombisa ukuthi sizobe sincisha umuntu owudinga ngempela umgomo kusho u-Andrew Pollard ongumqondisi weqembu le-Oxford Vaccine etshela i-Financial Times.
Babalelwa kumaphesenti amabili abantu asebethole umgomo wesibili kumazwe ase-Afrika, nakunoma yiliphi izwe emhlabeni.
Bayizigidi ezi-5,6 abantu asebegomile eNingizimu-Afrika.
Umthombo wesithombe: @PTVph