Arthur “Not the Bear” Greene
Akuyona nje kuphela imindeni yasebukhosini baseNingizimu Afrika esenkingeni.
Umndeni wasebukhosini wase-Liechtenstein ube ngundabamlonyeni ngemuva kokuba inkosana isolwe ngokudubula ibhele elikhulu kunawo wonke e-Romania, ibhele elinsundu elineminyaka eyi-17 ubudala okuthiwa u-Arthur.
INkosana u-Emanuel von zu Liechtenstein waya endaweni evikelekile yezintaba zase-Carpathia ngoNdasa ngemuva kokunikezwa imvume ekhethekile nguhulumeni wase-Romania ukuthi abulale ibhele lesifazane ebelilimaza amapulazi endawo.
Esikhundleni salokho, inkosana u-Emanuel udubule wabulala u-Arthur, okuthe ngokusho kwabalondolozi bendawo, ubehlala ehlathini futhi engakaze abe yingozi emiphakathini yabantu.
I-Romania iyikhaya lesibalo esikhulu kunazo zonke lamabhele ansundu eYurophu, nokuyisikhathi eside sokuziqhenya kwesizwe. Ukuzingelwa kwezilwane zasendle kwavalwa emthethweni ngowe-2016, kodwa umthetho uyakuvumela kuphela uma amabhele esongela abantu noma ebulala izilwane zasemapulazini.
Izinhlangano ezimbili zezemvelo, i-Agent Green yase-Romania kanye ne-VGT yase-Austria, basho esitatimendeni ukuthi inkosana ibulale u-Arthur ngokungemthetho.
“Inkosana ayiyibulalanga ibhele ebeliyingozi, kodwa ibulale ibhele lowesilisa ebelihlala ehlathini futhi elingakaze lisondele ezindaweni zabahlali,” kusho izinhlangano.
“Ibhele elibizwa ngokuthi u-Arthur libhekwe iminyaka eminingi yi-Agent Green ranger esendaweni futhi laziwa njengesibonelo sasendle esingenankinga nokuba khona komuntu nemithombo yokudla ayinikezwayo.”
UGabriel Paun umengameli we-Agent Green, uthe, “Kazi le nkosana ididwe kanjani ibhele lesifazane eliza kule ndawo lihlukumeze abantu kunebhele elizihlalela ekujuleni kwehlathi.”
“Inkosana ayizanga ukuzoxazulula inkinga yabantu bendawo kodwa ubulale ibhele futhi wagoduka nendebe enkulu kunazo zonke ukuyilengisa odongeni … ekubeni badubule ibhele okungesilo.”
Inkosana u-Emanuel okubikwa ukuthi wakhokha imali engu- € 7,000 (izi-R119,000) ukuthola le mvume yokuzingela, usaphenywa yiziphathimandla zase-Romania.