Ngingumuntu omnyama futhi ngiyiKhaladi-Tyla

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Umculi waseNingizimu Afrika uTyla, ogamalakhe langempela uLaura Seethal ufake ezinkundleni zokuxhumana mayelana nokuthi ungoluphi uhlanga wacacisa mayelana nokuzichaza kwakhe njengeKhaladi.

Ohlelweni iBreakfast Club Power 105.1 FM, ubuzwe uTayla ukuthi ungubani, abaphathi bakhe bamcela ukuthi angaphenduli base becela abaphathi bohlelo ukuthi badlulele embuzweni olandelayo. 

Yize abantu bembiza ngomuntu omnyama noma oyiKhaladi, uTyla uthe yena uyinzalo yabantu abamnyama, amaZulu, ama-Irish, amaMauritian-Indian namakhaladi. 

UTyla uthe uthathwa njengeKhaladi eNingizimu Afrika kodwa uyakuqonda ukuthi leli gama lingase libe nencazelo ehlukile kwezinye izingxenye zomhlaba.

Ukuzichaza njengeKhaladi ngesikhathi ese-US eyolanda indondo yakhe ye-Grammy ye-Best African Music Performance kwasusa umsindo ngoba lithayjwa njengelinye lamagama acasulayo ukuchaza umuntu omnyama ngenxa yenkathi yakamuva yaleli lizwe yokucwasa ngokwebala.

“Lalisetshenziswa ukuchaza noma ubani owayengeyena umuntu omhlophe, okungase kusho ukuthi ukuba mhlophe kuyinto elindelekile noma kuyiphutha,” kusho inhlangano esiza umphakathi i-Show Racism the Red Card.

“Uma sikucabangela, wonke umuntu unombala wesikhumba ngakho-ke ngokobuchwepheshe sonke singamakhaladi.”

UTyla ebhala: “Ibala lihlukaniswa ngokwehlukana ezindaweni ezihlukahlukene zomhlaba.

“Angilindele ukukhonjwa njengeKhaladi ngaphandle kwaseNingizimu Afrika ngumuntu ongakhululekile ukwenza lokho ngoba ngiyasiqonda isisindo salelo gama ngaphandle kweNingizimu Afrika. 

“Kodwa ukuvala le ngxoxo, ngiyiKhaladi eNingizimu Afrika futhi ngingowesifazane omnyama,” kubhala uTyla. 

Ividiyo yomculo yakamuva yalo mculi oneminyaka engu-22 ethi “Jump” nomrepha waseMelika uGunna ithole ukubukwa abantu abayizigidi eziyisithupha ku-YouTube ezinsukwini eziyisishiyagalolunye nje iphumile. 

Isithombe esingenhla: UTyla.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva