Everson Luhanga
Idolobhana lase-Tchoko elikude namadolobha amakhulu lingasemngceleni we-Malawi ne-Zambia esifundeni sase-Mzimba esisenyakatho ye-Malawi.
Ngesikhathi abantu besalinde imvula ukuze baqale ukutshala esigodini sangakithi nakwezinye izigodi ezingomakhelwane, e-Chibwana, e-Mnyehere, e-Chisavu kanye nase-Mtasuka, kusuke kushisa bhe ilanga.
Ekuseni ngovivi, uvele uzwe umoya oshisayo, ngaleso sikhathi izinkomo, izimbuzi nezinkukhu zisuke seziya emadlelweni ukuyofuna ukudla.
Awukho ugesi endaweni yangakithi. Amadamu nemifudlana komile. Abantu abaningi abazi ukuthi iyini i-swimming pool noma i-air-conditioner. Abahlali bathembela ethunzini lezihlahla ukuthi bazipholise.
Kodwa abantu bakule ndawo bajabule. Ngalokho okuncane abanakho bayakwazi ukuzisana ngamageja nezimbazo ukuze basuse ukhula emasimini bakwazi nokuyozingela.
Nakuba izwe lingaphansi kwemithetho ebhedayo kaHastings Kamuzu Banda, abahlali basaphila ngokulandela imithetho yabo yakudala.
Imfuyo ayiluswa ihlale izulazula ingatshontshwa. Abantu abaningi ezweni banovalo lokuya ejele, njengesikhathi kusabusa uBanda.
Idolobhana langakithi liwubufakazi bokuthula, uthando, injabulo kanye nokuzwana.
Abantu baphila ngokukhululeka nangenjabulo. Abaningi abazi nokuthi isibhamu into ebukeka kanjani.
Njengentatheli yobugebengu ehlala eGoli, uma ngiza lapha ngamaholidi isigodi sangakithi sifana nezulu kimina. Ngizithola kabusha ukuthi ngingubani.
Esigodini sangakithi kunezimoto, amaveni, namatekisi ambalwa ahambisa abantu e-Mzimba boma kanye ngosuku.
Uma uke washiywa ngeyodwa yalezi zithuthi zomphakathi engizibalile ekuseni uma uyothenga izinto zikaKhisimusi, enye imoto ehambayo uyoze uyithole ngakusasa.
Indawo yangakithi i-Mzimba boma, esiyibiza ngedolobha elikhulu, incane kunenxanxathela yezitolo evamile eNingizimu Afrika. Incane ngisho kunamarenki amabili amatekisi i-Noord ne-Bree ehlanganisiwe.
Kodwa intsha eningi ithanda ukuya khona ukuyoncebela nje. Ubonakala njengomzali okhethekile uma uhambisa izingane zakho edolobheni.
Abantu abaningi bathola izinto abazidingayo ezimakethe eziba khona usuku olulodwa evikini. Amakhowe agcwele ezindaweni eziningi ezweni lonke.
Lezi zimakethe zibizwa ngokuthi i-Salaula, okusho ukuthi uyakhetha bese uyathenga, zasungulwa ngowayenguMengameli wezwe uBakili Muluzi, owathatha izintambo kuBanda ngo-1994.
UKhisimusi yisikhathi esijabulisayo esigodini sangakithi. Abantu bajabulisa imindeni yabo ngokuthile okukhethekile. Ngokuvamile lokho okukhethekile kuba izingubo zokugqoka ezintsha zezingane, inyama kanye nesinkwa.
Bonke abantu bahlaba izimbuzi, izingulube, izimvu, izinkukhu noma yini nje eyisilwane ukuze umndeni ube nenyama ngalolu suku olukhulu.
Njengoba abantu abaningi endaweni bengamaKristu, kujwayeleke ukuthi imicimbi ibe mayelana nezindaba zeBhayibheli. Imigubho yosuku isuke imihle kakhulu ngoba kuba nemidanso yendabuko esingathwa isigodi nesigodi.
Ngokwesiko, akekho noyedwa ovumelekile ukuthi aveze isoka lakhe noma intombi yakhe kubazali bakhe ngaphandle uma loyo athandana naye eseveze inhloso ecacile yokushada nalowo muntu.
Kodwa, okungenani, kanye ngonyaka, abantu bayazijabulisa ngoZibandlela futhi benze lokho uJesu ayengeke abavumele ukuthi bakwenze.