“Nginenhlanhla ukuthi ngisaphila” – kusho osinde engozini yebhasi e-Eastern Cape

Sandiso Phaliso

Emizuzwini embalwa ngaphambi kokuba kuvele inhlekelele, kube nokwesaba ngaphakathi ebhasini, njengoba wonke umuntu ebebona ukuthi izimpilo zabo zisengozini. Abagibeli basukume, bamemeza ngenkathi ibhasi lisuka ngejubane elikhulu phansi kwegquma e-Eastern Cape.

Lezi kube yizikhathi zokuqala zenhlekelele eziholele ekushoneni kwabantu abangama-30 ngoMsombuluko. UZanele Sigonyela ubengomunye wabayisithupha abasinde engozini yebhasi ngoMsombuluko.

Oneminyaka engama-33 ubudala uthe ngesikhathi ibhasi liginqika lehla egqumeni, wonke umuntu ebememeza umshayeli becela usizo lokuthi alilawule. Wabamba waqinisa omunye umgibeli obehleli eduze kwakhe.

“Ngokuphazima kweso, ibhasi laphaphalaza lasuka emgwaqeni lagingqika laqala ukushibilika egqumeni. Konke kwavele kwabamnyama imizuzu embalwa,” kusho uSingonyela etshela i-Scrolla.Africa.

Kubo lobo mnyama, wayezwa abantu bememezela kude.

“Ngiphaphame ngingaphansi kwesihlalo. Bengizizwa nginesiyezi futhi ngididekile. Ekuqaleni bengingaboni ukuthi abantu sebeshonile. Bengicabanga ukuthi baqulekile”.

Uqhube wathi: “Ngemuva kwemizuzu, bese ngibona ukuthi bashonile, kubandakanya nowesifazane ebengibambelele kuye. Abanye bebevaleleke ngaphakathi ebhasini. Ngagxuma ngaphuma angangangabe ngisakuzwa ukumemeza”.

Kube nokuthula okungazelelwe okumbozwe wumsindo wenjini yebhasi kuphela.

“Ngenkathi kwenzeka yonke le nto, ngibe nesiyezi. Kuze kwaba ngesikhathi kufika abosizo lokuqala lapho engibone khona ukuthi lokhu bekuyinhlekelele. Uma ngicabanga ngakho, nginenhlanhla yokuthi ngisaphila”.

USigonyela, ongumama wezingane ezimbili, uthe: “Ebengikucabanga nje bekuyizingane zami nomndeni wami. Nawo wonke umuntu obehleli eceleni kwami ebhasini oshonile”.

Ubazi ukuthi ibhasi ebelisuka eKapa liya e-East London, belinenkinga kusukela ekuqaleni kohambo.

Kwafaneleka ukuba bame kathathu ngenkathi ibhasi lizabalaza ukukhuphuka amagquma omqansa.

Kwesinye isikhathi, uSingonyela uthe ibhasi lihlehle lodwa futhi umshayeli kwafaneleka ukuba abeke amatshe ngemuva kwamasondo ukulimisa.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Tembinkosi Kinana uthe umshayeli uphakathi kwabashonile. Ibhasi belithwele abagibeli abangama-34, umshayeli nomsizi womshayeli.

UKhana uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala ngokungenhloso.

Izihloko zakamuva