Kamogelo Muvhenzhe
Amasiko amadala ngokuvamile aphenduka imikhuba noma izibopho. Ngesikhathi ngishonelwe abantu ababili engibathandayo umyeni wami kanye nobaba eminyakeni eyisishiyagalombili edlule esikhathini esiyizinyanga ezinhlanu, ngangicabanga ukuthi ngizowuyeka umkhuba wokuchitha uKhisimusi ekhaya labazali bami.
Kodwa, njengomama ongumfelokazi onezingane ezine, ngangizoqalaphi?
Emasontweni amane ngaphambi kukaKhisimusi ngonyaka ka-2016, ngazithola ngisesigodini sase-Ga-Semenya e-Moletjie, esingamakhilomitha angu-20 ngaphandle kwase-Polokwane.
Sasizobungaza kanjani isikhathi samaholidi? Abantu base-Moletjie bawugubha kanjani uKhisimusi?
Ngabe sengiqaphela ukuthi abantu basemakhaya base beqalile ukulungisa insimu, ikakhulukazi emagcekeni abo, ukuze kulinywe.
Ezinsukwini eziningi sasivuswa umsindo wogandaganda wakwamakhelwane ulima noma othile eyalela imbongolo ukuthi iqhubeke idonse igeja. Abanye babeqoqa izingane zabo baqale ukulima ngamageja.
Lokhu kwakungesiyo into entsha kimi, kodwa umndeni wakithi esigodini sase-Thorpe bakuyeka ukulima ngoba ugogo wami wayesemdala kakhulu.
Kodwa omakhelwane bami babejabule futhi bekhuluma ngesikhathi esizayo semvula bakuxoxa nje lokhu bayaqhubeka bayalima, ngakho-ke nganquma ukuqasha ugandaganda ukuze ngilime. Umakhelwane wami wanginika ummbila, ubhontshisi kanye nembewu yemifino ukuze ngiyitshale.
Yilokho ebengikwenza kusukela ngaleso sikhathi.
Endaweni yase-Moletjie, isikhathi samaholidi besingeke siphele ngaphandle kombala oluhlaza wezitshalo ezikhulayo ezikhanya elangeni lasekuseni.
Kuyinto ebijwayelekile ukuvuka ngo-5:00 ekuseni ukuze ungaphuthelwa ukuphuma kwelanga emasimini.
Ngokusho kwe-Statistic SA, isifundazwe sase-Limpopo sinesibalo esiphezulu semizi ejabulela ukuthola ukudla okutshaliwe kanti lokho akuyona imfihlo.
Abantu base-Limpopo basebenzisa ithuba lokuhlala emiphakathini yasemakhaya benakekela umhlaba futhi benakekela nezidingo zabo. Bese kuthi uma amasimu ethu eseluhlaza nezitshalo zikhula, silungiselela umgubho waminyaka yonke obizwa ngosuku lama-Moletjie.
Umgubho, owenzelwa endlini yobukhosi bakwa-Moshate, ukhuthaza ubumbano emphakathini futhi ukukhuthaza nokugcina kwesiko la-Bahlaloga Ba Moletjie.
Imisebenzi ihlanganisa umculo wesintu kanye nokunambithwa kwexoxo, umkhuba ogqamile obika inkathi yemvula. Bese kuthi-ke, uma kufika usuku lwama-Moletjie ngomhlaka-16 kuZibandlela, ibika labadansi be-dinaka lizwakala ngomsindo omkhulu endaweni yonke.
Amakhulu abantu abavela ezigodini ezahlukene bayabuthana ukuzobungaza njengoba abadansi beshaya izigubhu namapayipi. Belalele umculo, bagida phansi ngezinyawo bagingqike othulini. Sonke lesi sikhathi, izakhamuzi zijabulela ukudansa njengoba zikhombisana uthando, ngokuhleka ukujabulela umhlaba, imvula kanye nezitshalo eziluhlaza emhlabeni.