Celani Sikhakhane
Ukuxabana okuqhubekayo phakathi ko-brigadier ababili esifundeni sasoThukela KwaZulu-Natali kushiye i-SAPS ebunzimeni bokungakwazi ukusebenza.
Yize ubrigadier uFrancis Bantam kanye nobrigadier uZanele Kunene beqhubeka nokulwela isikhundla sokuba ngukhomishani weqoqo, imibiko yodlame lwezepolitiki nolwamatekisi lukhule kakhulu.
Le ngxabano ivele emasontweni ambalwa nje ngemuva kokuxabana okube phakathi kukaNgqongqoshe wezamaPhoyisa uMnu Bheki Cele noKhomishani kuzwelonke uKhehla Sitole okusolwa ukuthi kukhuphule ubugebengu ngo-60% ngamacala athinta abantu phakathi kukaMbasa noNhlangulana.
Umthombo we-SAPS esifundeni sasoThukela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi amaphoyisa akhungathekile futhi adidekile njengoba engazi ukuthi ngubani okumele awanikeze imiyalo, futhi ayehluleka ukuqinisa umthetho.
“Lolu daba seludluliselwe nakuKhomishani wesiFundazwe uNhlanhla Mkhwanazi,” kusho lo mthombo oveze nokuthi uMkhwanazi uhlangane nalezi zikhulu ezimbili ngenyanga edlule ukuzama ukulungisa isimo.
Kungumsebenzi wabo ukuyalela amalungu ukuthi aye ezindaweni ezinezinkinga ezinkulu uma kudingeka, kodwa akekho owenza lokho.
“Njengoba sisondela esikhathini sokhetho, i-SAPS idinga ubuholi obubumbene ukuze ithole imiyalelo ecacile yokuthi kumele kusetshenzwe kanjani oThukela. Le ndawo iba nezinkinga ngesikhathi sokhetho, kodwa akekho othatha ubuholi,” kusho isikhulu esiphezulu.
Lesi sikhundla okusolwa ukuthi bayasilwela sashiywa singenamuntu ngowezi-2018 ngemuva kokudlula emhlabeni komphathi wokuqala weqoqo.
Le mpi ihlukanise namalungu esigungu samaphoyisa omphakathi (i-CPF) esifundeni.
UBrigadier Bantam utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uphoxekile ngokuthi lolu daba selulethwe kwabezindaba.
“Ngimazisile uKhomishani wethu wesiFundazwe ngalesi simo,” esho.
“Sekuphele iminyaka emithathu ngisebenza njengomphathi weqoqo futhi angazi ukuthi kungani abantu becabanga ukuthi kukhona umuntu engilwa naye.”
Uthe akasazizwa evikelekile kozakwabo, iningi labo abamsekeli esikhundleni sokuba umphathi weqoqo.
“Kodwa ngosizo lukaNkulunkulu ngizodlula kulokhu,” kusho uBantam.
Imizamo yokuthola uBrigadier Kunene ayiphumelelanga.