Ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye uCynthia useze wayingcwaba ingane yakhe

Dalphine Tagwireyi

UCynthia Sibanyoni wabeletha ingane esishonile ngoZibandlela odlule.

Kodwa uze wakwazi ukungcwaba ingane yakhe ngoLwesithathu olwedlule.

Usitshele ukuthi ubuhlungu bekungabekezeleki izinyanga eziyisishiyagalolunye esezidlulile.

USibanyoni uthe ngesikhathi eya esibhedlela sase-Witbank ngoZibandlela odlule ukuba alande izicubu zengane yakhe ukuze ayingcwabe, watshengiswa imibungu yengane yakhe isesimeni sokubola esingesihle.

Yena nomndeni wakhe abakholwanga ukuthi ingane yakhe leya.

Isibungu sasisincane kakhulu ekubeni ingane yakhe ayibeletha isishonile uSphesihle Remembrance Mthombeni watetwa esenozomzimba ophelele.

Bafuna izimpendulo ukuthi kwenzakaleni.

USibanyoni wavula icala lobudedengu elivulela uNgqongqoshe wezempilo uSasasekile Manzini nesibhedlela sase-Witban.

Inkantolo enkulu yase-Middleburg ifakele uNgqongqoshe inselela ukuba akhokhele izindleko zengana elahlekile aphinde akhokhele izindleko zokwenza ulibofuzo olwenziwa mhla zingama-26 kuNcwaba.

Okwavela ngemuva kwesikhathi ukuthi izidumbu zezingane ezintathu ezabelethwa sezishonile zaphambana, kwadingeka kwenziwe ulibofuzo ukuze kuzotholakala imindeni yezingane.

‘Ulibofuzo lwenziwa enganeni yami eyayifakwe ebhakedeni elalise frijini njengoba umzimba wawusesimeni sokubola. Ngiyafisa ukuthi ngingakhumbuli engakubona ngesikhathi kwenziwa ulibofuzo” kusho uCynthia.

USibanyoni uthe umndeni usuzoba nokuthula ezinhlizweni ekugcineni.

Okhulumela umnyango wezempilo eMpumalanga uDumisane Masilele utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bayalivuma iphutha labo ngokunikeza umndeni isidumbu okungesiso.

“Umnyango wenza uphenyo lwangaphakathi ngale ndaba, ngemuva kokwenziwa kolibofuzo, saqinisekisa ukuthi sinike umndeni isidumbu sengane yabo okungesona” kusho uDumisani.

Izihloko zakamuva