Ngemuva kweminyaka eyishumi namanje akaziwa umbulali kaSenzo

NgoMgqibelo ngomhlaka-26 kuMfumfu, kuzobe kuphela iminyaka eyishumi kwadutshulwa ukaputeni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa. Yize adutshulwa esendlini phambi kofakazi, namanje ababulali bakhe abaziwa.

Emdlalweni wokugcina kanozinti we-Orlando Pirates, waba ingqophamlando ngesikhathi behlula i-Ajax Cape Town ngo 4-1. 

Ngemuva komdlalo, wabelana ngalokho okwaba umzuzu wokugcina nomlandeli omkhulu wePirates uMama Joy Chauke.

“Wanganga wathi, ‘Umama wami lo, ngiyakuthanda’,” kukhumbula uMama Joy. 

“Wabuya kwaze kwaba kathathu sengathi uyangivalelisa uthi ngeke usangibona.”

Ngemuva kwamahora angu-24, ngomhlaka-26 kuMfumfu ngo-2014, uMeyiwa wadutshulwa wabulawa emzini wentombi yakhe uKelly Khumalo e-Vosloorus. Abantu abebekhona lapho bathi kwangena abantu ababili abambulala.

Kuthathe iminyaka eyisithupha ukuthi amaphoyisa abophe abantu. Bahlanu abaquliswa icala, kodwa bonke bathi bamsulwa. Umbuso ukholelwa ekutheni uKhumalo nguye owahlela itulo lokubulala.

Ukuqulwa kwecala, okwaqala ngo-2020, kulokhu kubambezeleka. Ukubambezeleka kwakamuva kwenzeke ngemuva kokugula kommeli. Kuzoqhubeka ngoMsombuluko, ngomhlaka-28 kuMfumfu.

USinqobile Maphisa, ongumfowabo womunye wabasolwa, uthi umsulwa futhi ucabanga ukuthi kukhona ofihla iqiniso.

Lowo mdlalo owawudlalwa kunemvula, lapho uMeyiwa awina khona ukuba umdlali ovelele womdlalo, sekuyinkumbulo edabukisayo kubalandeli – bekuwumdlalo wakhe wokugcina omuhle ngaphambi kokuba impilo yakhe iphele kabuhlungu.

Luhlanganiswe nguMbhali weStaff 

Esithombeni esingenhla: Senzo Meyiwa. 

Umthombo wesithombe: Senzo Meyiwa/X

Izihloko zakamuva