Ngemuva kweminyaka eyi-8, uWinnie usekulungele ukubuyela emculweni

Philani Mzila

Ngemuva kokuchitha iminyaka eyisishiyagalombili ehlane, uWinnie Khumalo usebuyile.

Umculi wengoma ethi Live My Life ushiye i-Kalawa Jazmee Records ngowezi-2014, kodwa usungule inkampani yokuqopha iWinnie K kanye nendodakazi yakhe uRethabile.

URethabile ungumculi wengoma eshisa izikhotha ethi Tyilo Tyilo ayenza noDJ Master KG.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uWinnie uthe ngesikhathi eshiya i-Kalawa Jazmee uthathe ikhefu emculweni unyaka wonke ngaphambi kokuthi ajoyine uDJ Christos enkampanini yakhe yokuqopha.

“Benginethemba lokuthi uma engifundisa ngingafunda ngokuqhuba inkampani yomculo. Kube yisipiliyoni esihle futhi nejika lokufunda kimi kwazise bengifuna ukuzimela,” kusho uWinnie.

Ukubekezela kwakhe kwaba nezithelo kwathi ngonyaka wezi-2019, ngesikhathi esungula inkampani yakhe yokuqopha, wasayina uRethabile.

“Uma uqala okuthile uzowa phansi ngezikhathi ezithile, kodwa kufanele uvuke uzithathe bese uyaqala futhi,” kusho uWinnie.

UWinnie usanda kukhipha ingoma esihloko sithi Loluthando, okuyiculo lokubonga uNkulunkulu ngokuba khona kwakhe nendodakazi yakhe kulolu hambo.

“Mina noRethabile sesidlule kokuningi ndawonye,” kusho yena.

Uthe kwesinye isikhathi wake wagula wagxila endodakazini yakhe ukugcina ibhizinisi liqhubeka.

“Kuthe ngesikhathi uRethabile esebenza noDJ Zinhle engomeni ethi Umlilo, waba sengozini yemoto kodwa sakwazi ukubhekana nalokho,” kusho uWinnie.

Umlenze kaRethabile walimala kabi engozini, futhi kwadingeka ahambe ngezinduku izinyanga ezimbalwa.

“Ngibonga uNkulunkulu ngokusigcina kulokhu,” esho

UWinnie umatasa ngohlelo olusha lwempilo olubizwa nge-My Own Lane futhi yena noRethabile basebenza ohambweni lomculo kamama nendodakazi.

Izihloko zakamuva