Elmon Tshikhudo
Okhethweni lohulumeni bendawo lwangonyaka wezi-2016, i-Vuwani ese-Limpopo yahlakazwa imibhikisho enodlame.
Abahlali ababengahambisani nokushintshwa kwendawo yabo kumasipala omusha ohlongozwayo ohlanganisa izindawo zase-Malamulele, kwashiya izikole ezibalelwa kwezingama-30 zicekelwe phansi futhi kwaphazamisa impilo yansuku zonke.
Indawo yase-Vyeboom isiphenduke indawo okungahambeki kuyo, kanti abahlali ebebethukuthele begane unwabu abazange bavote njengoba kushiswe izikole obekumele kube izikhungo zokuvota.
Bayizi-1,500 kuphela abavoti ababhalisile kwabayi-40,000 abakwazile ukuvota.
Kulo nyaka isimo sihluke ngokuphelele, njengoba abahlali bekulungele futhi bezimisele ukuvota.
Kuze kwashaya ihora lesihlanu ekuseni amalungu omphakathi, ikakhulukazi izalukazi zivukela ezikhungweni zokuvota.
Ugogo uMusandiwa Mudau wase-Vyeboom ovote esikoleni i-Khavhatondwi Primary uthe usheshe wafika ukuze abe ngomunye wabokuqala ukuvota.
“Kuyashisa kule ndawo futhi angifuni ukuzithola ngisesimweni esibucayi lapho kuzomele ngishaye ulayini nelanga elishisayo, kanti ngaphuthelwa ukuvota ngonyaka wezi-2016,” kusho ugogo.
UMashudu Makatu uthe ukuvota kubaluleke kakhulu.
“Ngilapha ukuzocacisa ngekusasa lendawo yangakithi. Ngowezi-2016 asizange sivote futhi iminyaka emihlanu edlule bekuyisihogo,” kusho uMakatu.
“Ukusizakala bekungekho nakancane endaweni yethu futhi siyazisola ngokungavoti. Sijabule kakhulu ngokuphinde sivote,” kusho uMakatu.
Umholi womphakathi u-Arnard Mulaudzi owakhuluma kakhulu ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho ngowezi-2016, uthe bafinyelele esivumelwaneni nohulumeni wesifundazwe ngonyaka odlule.
“Sesixoxile nabantu bakithi sabagqugquzela ukuthi bavote njengoba sisalinde ukuthi kuvulwe iwindi elisha lokubhekwa kwemingcele maduze nje ngemuva kokhetho,” kusho u-Arnard.