Ngemuva kwekhefu leminyaka eyisishiyagalombili i-Soweto String Quartet ikhiphe ingoma

I-Soweto String Quartet ehlonishwa umhlaba wonke isiphinde yabuya ngemuva kwekhefu leminyaka eyisishiyagalombili. Bazokhipha ingoma enesihloko esithi-Through & Through ephuma ku-EP yabo enezingoma ezine mhla zingama-24 kuLwezi.

Leli qembu elakhiwe izelamani ezintathu zakwaKhemese, uThami, uSandile, uReuben kanye noMakhosini Mnguni, lithathe ikhefu kulandela ukushona kukaReuben.

I-albhamu yabo yokugcina enesihloko esithi “Soweto String Quartet Speel Afrikanse Treffers Vol 2” yakhishwa ngowezi-2013. Leli qembu laziwa ngezingoma ezishisa izikhotha ezifana nezithi Imbube, iKwela kanye ne-Pata Pata.

Ingoma ethi-Through & Through, ingoma yokudansa ngonyawo – ingoma yomshado enhle kakhulu ngesikhathi senjabulo nohleko.

UThami Khemese uchaze ukuthi le ngoma inomsindo wengoma ethi kwela.

“Umsindo wethu awukashintshi kangako, kodwa bekufanele siqinisekise ukuthi uhambisana nezikhathi, futhi uyaqhudelana ezimakethe,” esho.

I-Through & Through ifaka uSandile Khemese (odlala ivayolini yokuqala), uThamsanqa Khemese (odlala ivayolini yesibili), uMakhosini Mnguni (odlala i-viola), uThemba Mashobane (odlala i-celio) kanye noThokozane Nsibande (oshaya insimbi).

Izihloko zakamuva