Dylan Bettencourt
I-Association of Tennis Professionals (i-ATP) isiqale uphenyo mayelana nompetha wama-Olimpiki ase-Tokyo u-Alexander Zverev, ngemuva konyaka owayeyintombi yakhe emsole ngokumhlukumeza.
U-Olga Sharypova wasola uZverev, isoka lakhe langaleso sikhathi, ngochungechunge lwezigameko zodlame lwasekhaya uZverev aziphika ngokusobala futhi i-ATP yanquma ukungathathi izinyathelo ezithile mayelana nalokho.
USharypova uveze ukuthi umpetha wethenisi oneminyaka engama-24 ubudala wamshaya ebusweni ngesibhakela ngesikhathi se-Shanghai Masters ngowezi-2019 engxabanweni ababenayo egumbini labo lehhotela.
USharypova wazijova nge-insulin ngesikhathi ehlukunyezwa ngenxa yokuphelelwa yithemba, etshela iphephabhuku lase-Melika elisebenza ku-inthanethi i-Slate.
I-ATP, ehlela uhambo lwethenisi lwabo bonke abadlali abangochwepheshe, yagxekwa kakhulu ngokungathatheli uZverev izinyathelo ngesikhathi kuqala izinsolo.
“I-ATP ilugxeka ngokuphelele noma yiluphi uhlobo lodlame noma lokuhlukumeza futhi izophenya ngezinsolo ezinjalo ezihlobene nokuziphatha kwamalungu e-ATP emqhudelwaneni,” kusho isitatimende.
UMassimo Calvelli, onguMphathi we-ATP, uthe izinsolo ezenziwe mayelana nompetha wama-Olimpiki zibucayi futhi i-ATP inesibopho sokubhekana nezicelo ngendlela evumela amaqiniso nempendulo efanele.
“Siyakuqonda ukuthi uZverev uyalwamukela uphenyo lwethu futhi uyakuvuma ukuthi uziphike zonke izinsolo. Sizophinde siqaphe noma yikuphi okuqhubekayo komthetho kulandela umyalo wokuqala owatholwa nguZverev ezinkantolo zaseJalimane,” esho.
UZverev waseJalimane akuyena kuphela umdlali we-ATP obhekene nezinsolo zodlame lwasekhaya.
UNikoloz Basilashvili uphakathi kwecala lasenkantolo ezweni lakubo e-Georgia ngemuva kwezinsolo ezenziwe ngunkosikazi wakhe wangaphambilini zokuthi wamhlukumeza ngesikhathi besashadile.
Umthombo wesithombe: @NewYorkPost