Celani Sikhakhane
Ngemuva kokuqeda ukuhlanza imigwaqo yeTheku, abafundi baseMangosuthu University of Technology basale dengwane emakhazeni ngesikhathi kuqubuka umlilo endaweni abahlala kuyo.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu ebusuku ebhilidini lokuhlala e-London House kuDr Pixley kaSeme Street (West Street).
Iningi labafundi belichithe usuku ngokungakhathali lihlanza imigwaqo yeTheku ngemuva kokucekelwa phansi ngabaphangi nababhikishi, okuthe uma kushona ilanga bese beqedile.
Ebusuku babuyele endaweni yabo yokuhlala bayophumula kahle, kodwa kuthe mabefika bathola ukuthi amakamelo abo abahlala kuwo ayasha.
Abanye abafundi ngemuva kokukhishwa basizwe ngabangani babo ukuthola izindawo zokulala.
Abanye balandwe yizihlobo nabazali ukuze babuyele emakhaya.
Abanye abazali bebelibangise eThekwini bevela kwezinye izindawo beyothungatha ngokwesaba izingane zabo, ebezingasatholakali komakhalekhukhwini wabo.
NgoLwesine, abanye abazali kudingeke ukuthi balande izingane zabo esakhiweni sase-London bezohlala nazo emakhaya.
UDikeledi Chokoe ozinze eThekwini, uye eyolanda indodana yakhe.
“Ngangithukile ngemuva kokubona ividiyo yendawo okuhlala kuyo indodana yami uMosodi isha,” kusho uChokoe.
“Bekumele ngiyomlanda kodwa wenza sengathi isigameko somlilo akusiyo inkinga kangako. Lokho kwangicasula kakhulu. Uyazi lezi zingane uma zifika enyuvesi ziba yi-EFF futhi zinenkani ngobuqhawe obungamanga. Bengithukuthele kakhulu ngamyisa ekhaya ngoba bekungasaphephile ukuthi noma yiziphi izingane zibe lapho.”
Umlilo wase-London uqhamuke ngemuva kosuku kushiswe ibhilidi i-City Life ekhoneni lika-Field Street no-Smith Street esigamekweni esinyakazise umhlaba wonke ngemuva kokuthi ingane encane iphonswe ngefasitela ukusindisa impilo yayo.
Sekuke kwabikwa kabanzi ukuthi ukushiswa kwamabhilidi enkabeni yedolobha laseThekwini kugqugquzelwe ngabalandeli balowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, abaqhubeka nokukhalaza ngokuboshwa kwakhe.
Umthombo wesithombe: @Matima_Moloko