Arthur Greene
Izinkulungwane zababhikishi abathukuthele abaphikisana nokugoma bangene emigwaqeni yase-France babhikisha ngemuva kokuphawula kukaMengameli wezwe ngeSonto eledlule ethi isu lakhe “ukucasula” abaphikisana nomgomo.
NgoMgqibelo ababhikishi ababethukuthele begane unwabu bahlangane emadolobheni amaningana ase-France, becula izingoma “zokucasula!” uMengameli Emmanuel Macron.
Ababhikishi bebephethe iIzingqwembe ezinomyalezo othi “Asifuni ukogoma” . Bebephikisana necebo likaMacron lokwethula umthetho othi izakhamizi ezingagomile ngeke zikwazi ukungena kwezinye izindawo zomphakathi.
UMacron uphinde watshela i-Le Parisien ukuthi abantu abangagomile abanaki futhi akufanele bathathwe njengezakhamizi.
Umphathi wesibhedlela uVirginie Houget utshele i-Guardian ukuthi “[Amazwi kaMacron]” wokuthi asinaki yiwona asenze sabhikisha.
UHouget ukwazile ukugwema ukuthi bonke abasebenzi bezempilo bagonywe e-France ngoba ubegula etheleleke nge-Covid-19 ngesikhathi kwenziwa lo myalo.