Ngelinye ilanga kumele sikhulume ngama-VW 

Lubhalwe nguThabiso Sekhula

Impilo iza nezinkinga eziningi futhi uma umuntu ezithola esesimweni angasilindele angenza noma yini eshaqisayo. 

Ngesikhathi ngingena engozini yemoto nezingane zami kuleli sonto, ukwesaba nentukuthelo ezinye zezinto ebengizizwa.

Ake ngichaze ukucasuka kwami. Umshayeli we-GTI ubebukisa echoma egaraji, bengisanda kugcwalisa uphethiloli ngisendleleni kanye nezingane zami siya kwa-McDonald oseduze, njengoba sesithuthele endaweni yethu entsha e-Tzaneen.

Bekunomzila owodwa engiphume kuwo egalaji, kodwa umshayeli unqamule phambi kwami, wadala ingozi. Incazelo yakhe uthe ubecabanga ukuthi imoto yakhe izokwazi ukudlula kweyami nalokho bekukhombisa ukweyisa?

Konke kwenzeke ngokukhulu ukuzuma, ngakho-ke ngiwabambe ngamandla amabhuleki, ngakwazi ukuvikela izingane zami kodwa ngashayisa ithayi lakhe elingaphambili ohlangothini lomshayeli.

Into yokuqala engiyenzile ukuqalaza izingane zami ngemuva ukuze ngiqiniseke ukuthi ziphephile yini, ikakhulukazi lo omncane kunabo bonke abathathu. Akekho kuthina obelimele kodwa i-Kia yami ithintekile kanti izongibiza imali engu-R15 000 ukuyilungisa njengoba bengeke bakwazi ukuwukhanda ubhampa kumele bawushintshe. Kodwa uma ucabanga ukuthi imoto yami ilimele, kufanele ubone eyalo odale ingozi.

Okubuhlungu kakhulu ngihlukumezekile futhi senginezindleko ezingalindelekile. Eqinisweni ngaphandle kwengozi konke okunye bekumangalisa. Umshayeli, imina kanye nabo bonke abebekade besendaweni yesigameko sivumelene ukuthi iphutha lakhe. Kodwa sikwazile ukuthola esizohleka ngakho ngoba kube umzuzu nje eshaya isidudla nge-VW edonsa amehlo abantu, kodwa akuphelanga isikhathi esingakanani washayisa. 

Phakathi nesigameko, owesifazane othile usize izingane zami zehlise umoya ngesikhathi unogada wasegaraji ebiza amaphoyisa. Abafana abambalwa abaqinile benze isiqiniseko sokungitshela ukuthi bazoba ofakazi uma umshayeli enginika inkinga ngesicelo somshwalense.

Kuthe sisalinde amaphoyisa kwafika abangani bomshayeli neziphuzo ezipholile, phela. Ngokuhamba kwamahora amabili sonke bese singabangani. 

Amaphoyisa abekhululekile kakhulu kanti iveni igcine ifikile yize kunomgomo wokuthi akumele ifike endaweni yesigameko ngaphandle kokuthi kukhona olimele.

Konke lokhu bekungayona into enkulu, kodwa izingane zami zithukile futhi le ngozi angeke bayikhohlwe kalula. Abantu base-Tzaneen benze isiqiniseko sokuthi sonke siyahleka ngale ngozi engathi shu, kodwa oksalayo kumele sikhulume ngama-VW ngolunye lwalezi zinsuku.

Umshayeli kufanele nje acubungule isicelo sakhe somshwalense futhi imoto yami kufanele ilungiswe.

Isithombe esingenhla: Ubhampa womshayeli 

Umthombo wesithombe: Thabiso Sekhula

Izihloko zakamuva