Ngeke simfake emphandwini wezilwane ezesabekayo uRamaphosa: Mantashe 

Lubhalwe nguLungani Zungu

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi naMandla uGwede Mantashe uyalele wonke amalungu e-ANC angu-230 ePhalamende ukuthi avotele ukungemukelwa kombiko we-Phala Phala kungenjalo azobhekana nolaka lweqembu.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa esikhundleni sakhe njengoSihlalo kazwelonke we-ANC, uMantashe uthe iqembu ngeke liwabekezelele noma yimaphi amalungu ePhalamende avukela imiyalelo nazovota evuna umbiko wodaba lwe-Phala Phala osabisa ngokuqeda isikhundla sikaCyril Ramaphosa njengoMengameli.

Amalungu ePhalamende angu-400 ePhalamende Likazwelonke azodingida umbiko wethimba lomthetho wesigaba-89 ngesonto elizayo ngoLwesibili.

“Sonke sivumelene ngokuthi sizovota siphikisane nombiko osePhalamende ngesonto elizayo. UMengameli uRamaphosa ungumholi wethu futhi ngeke simlahlele emphandwini wezilwane ezesabakayo,” kusho uMantashe etshela i-Scrolla.Africa.

UMantashe ubelokhu eseka uRamaphosa kulolu bishi akulo lwe-Phala Phala.

“Uma noma yiliphi ilungu le-ANC ePhalamende linquma ukudelela iqembu, bazobona ngemuva kwalokho ukuthi i-ANC izobenzani.”

Kuthiwa amanye amalungu ePhalamende aphikisana noRamaphosa ahlela ukuvota avune umbiko ongavula indlela yokuthi uRamaphosa athweswe icala.

Ekuqaleni udaba lwe-Phala Phala bekumele ludingidwe ngoLwesibili ePhalamende likaZwelonke.

USomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa-Nqakula umemezele ngoMsombuluko ukuthi kuhlehliselwe uLwesibili oluzayo ukudingida lolu daba ukuze amalungu ePhalamende abe khona uma kuqhubeka inkulumo-mpikiswano.

Udaba lwepulazi i-Phala Phala yilona oluzothatha isinqumo sokuthi uRamaphosa uzobhekana nokujeziswa yini, kanti uma luphumelela uzophucwa imihlomulo kaMengameli impilo yakhe yonke okubalwa umholo kanye nezokuphepha.

Isigungu esiphezulu esithatha izinqumo kwi-ANC okuyiKomiti eliPhezulu likaZwelonke, liyalele amalungu ePhalamende angu-230 ukuthi avotele ukwenqaba ukwamukelwa kombiko wodaba lwe-Phala Phala.

URamaphosa uphinde wathatha lo mbiko ukuze uyobuyekezwa ngemuva kokufaka amaphepha eNkantolo yoMthethosisekelo.

Ithimba lomthetho wesigaba-89 eliholwa iJaji uSandile Ngcobo lithole ukuthi uRamaphosa unecala azoliphendula ekufihleni icala lokweba u-$600,000 epulazini lakhe i-Phala Phala ngoNhlolanja ngo-2020.

Leli thimba liphinde lathola ukuthi u-$850 000 okuthiwa wawufihlwe kusofa awuzange wadalulwa eBhange loMbuso lakuleli.

URamaphosa wenza konke okusemandleni akhe ukuthi agcine isikhundla sakhe njengoMengameli we-ANC uma leli qembu libamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi yesi-55 kusukela ngomhlaka-16 kuya kumhlaka-20 kuZibandlela e-Nasrec, eGoli.

Izihloko zakamuva