Ngeke sikwazi ukuthutha bonke abafundi sibayise ezikoleni: Mabuyane

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane, useveze ukuthi isifundazwe singakwazi ukuthutha abafundi abangu-70% kuphela sibayise ezikoleni.

UMabuyane, useveze ukuthi balinganiselwa ku-40 000 abafundi abangeke bahlomule ohlelweni lokuthutha abafundi kulo nyaka ngenxa yokushoda kwemali.

Lokhu kuza ngemuva kwamasonto amabili  iningi labafundi lisale dengwane njengoba ezokuthutha abafundi bezingekho selokhu kuqale unyaka omusha. 

UMabuyane uthe bangu-90 000 kuphela abafundi kwabangu-130 000 (69.2%) abazothuthwa kulo nyaka.

“Asikwazi ukuthutha zonke izingane ezingu-40 000. Siyazama ukulungisa lokho ukuze zonke izingane zithuthwe.”

USihlalo we-SA National Taxi Council (Santaco) esifundazweni uZola Yolelo uthe imboni yamatekisi izimisele ukusiza uma uhulumeni exoxisana nabo.

“I-Santaco izimisele ukuthutha bonke abafundi abafanelekile abasale dengwane kulo nyaka ngenxa yezinkinga zesabelomali,” kusho uYolelo.

“Okufanele kwenziwe umnyango ukuthi usibhalele incwadi esigunyaza ukuthutha lezo zingane ngesikweletu, okusho ukuthi umnyango ungasikhokhela ngokuhamba kwesikhathi uma imali isikhona.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMalibongwe Mtima uthe umnyango uyasicubungula isiphakamiso se-Santaco kodwa bekungakathathwa sinqumo.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, u-Unathi Binqose uthe basezingxoxweni nohulumeni wase-Eastern Cape.

“Siyasebenzisana futhi silungisa zonke izindlela ezingasetshenziswa kulabo bafundi abazithole besele ngaphandle kohlelo,” kusho uBinqose.

Yize uhulumeni wesifundazwe ezama ukuthola isixazululo kule nkinga, abafundi kuso sonke isifundazwe basaqhubeka nokuhamba amabanga amade benqamula emahlathini nasemifuleni edla lubi ukuze bathole ilungelo labo lokufunda.

Esithombeni esingenhla: Abafundi base-Eastern Cape bewela umfula beya esikoleni. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva