Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UNobhala-Jikelele we-ANC osanda kuqokwa uFikile Mbalula uthi usekulungele ukuphoqa amalungu ombutho ukuthi ahloniphe aphinde ahambisane nemithetho nezimiso zeqembu noma abhekane nolaka lwakhe.
UMbalula ukhulume ngemuva kokukhethwa kwakhe engqungqutheleni ye-ANC ka-55 ngoMsombuluko.
Kule minyaka emihlanu edlule abanye abaholi beqembu bebehlezi bekhombisa ukungabuthembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa kukho konke akwenzayo.
Esigamekweni sakamuva oNgqongqoshe abahlanu beqembu bavotele ukuthi wamukelwe umbiko wethimba elizimele wesigaba-89 ngodaba lasePhala Phala.
UMbalula ubize ukuziphatha kwamanye amalungu aleli qembu njenge ndlela engavumelekile futhi ekhombisa ukungahloniphi ubuholi.
“Ezikhathini zakamuva leli qembu belingaphethwe ngendlela efanele.”
“Sinamalungu esigungu esiphezulu (NEC) ahlasela uMengameli aphinde akhombise ukungaziphathi kahle esidlangalaleni futhi lokhu kuphazamise izinombolo zethu zobulungu.
Ngaphansi kobuholi bakhe uMbalula uthi ngeke abe khona amalungu e-NEC azoveza imibono yawo kwabezindaba mayelana nezindaba zeqembu.
“Osikhwili ohambana nobhoko, kumele bangilindele ngoba ngizobheka kanzima nabo, kuzoba yimi nabo, amalungu ombutho angazimisele ngokulandela imiyalelo yeqembu, awakulungele ukuba kuKhongolose kodwa kumele ajoyine amaqembu aphikisayo,” kusho uMbalula.
UMbalula usejahe ukuya eLuthuli House ukuze aqale umsebenzi.
Uthe ihhovisi lakhe libaluleke kakhulu ngoba ilona eliyinjini yeqembu.
“Leli hhovisi kumele liqine, ngoba ima lintekenteke kusho ukuthi umbutho wonke ozoba buthaka,” usho kanje.
Ukhumbuze amalungu esigungu esiphezulu aqokiwe ukuthi ukuvuselelwa kweqembu kuzohlahla indlela yekusasa laleli qembu.
Uthe sizophela isikhathi sokusebenzisa u-Twitter kubahlonishwa beqembu.
“Kodwa lokho kumele kuqale kumina ngibe yisibonelo ngoba angikwazi ukutshela abantu into ngithi bangayenzi mina ngibe ngiyenza,” usho kanje.
Isithombe esingenhla: Amalungu esingungu esiphezulu se-ANC asanda kuqokwa eNasrec eGoli
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo