Lungani Zungu
Umthetho we-ANC wokuhoxisa ezikhundleni amalungu ubhekene nenselelo entsha kowayeyiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede othe angeke ashiye isikhundla sakhe engalwanga.
Ilungu lesiShayamthetho sesifundazwe saseKZN lisola uNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Mdumiseni Ntuli, ngokuqamba amanga ngesikhathi ethi uyavuma ukuhoxa esikhundleni.
“Angiyi ndawo. Angishiyi sikhundla. Kusobala ukuthi akazange akhulume iqiniso,” kusho iMeya yaseThekwini ebikhuluma ne-Scrolla.Africa.
Ngesikhathi kunesithangami nabezindaba ngoLwesibili, uNtuli obebukeka enokuzethemba uthe uGumede uvumile ukuhoxa esikhundleni ngaphandle kokuphikisa.
“Njengoba bekulindelekile, uvumile ukuthi uzohoxa esikhundleni,” kusho uNtuli.
Kodwa ngesikhathi i-Scrolla.Africa imbuza ngenkathi uNtuli esakhuluma nabezindaba uGumede usho okunye.
“Ngiseyilungu lesishayamthetho sesifundazwe. Ngeke ngehle esikhundleni.”
Uxwayise iqembu elibusayo ukuthi lingalinge limsuse njengelungu.
UGumede kumanje usempini nezomthetho esukela ekunikezelweni kwethenda yezigidi ezingama-R400 zeThekwini Solid Waste ngesikhathi esayimeya yeTheku.
I-ANC yabuyisela uGumede njengemeya ngonyaka wezi-2019, ithi la macala abesedicilele phansi isithunzi sakhe kodwa iqembu labe seliphinda limqoka kwisiShayamthetho sesifundazwe yize amacala asalenga phezu kwakhe.
UGumede bekulindeleke ukuthi angenele isikhundla sokuba nguSihlalo wesifunda saseThekwini, okuyisikhundla ake asiphatha ngaphambi kokuba uhlaka lwesifunda luhlakazwe ngowezi-2019.
UNtuli uthe iqembu ngeke libanqande abaholi beqembu ababhekene namacala ukulwela izikhundla.
UGumede uthe uzoncintisana uma amagatsha emqoka esikhundleni sokuba ngusihlalo.
Uma enqoba, lokhu kungamvulela indlela eya ezikhundleni zobumeya beTheku, okuyisihlalo samandla esengamele isabelomali sedolobha esiyizigidigidi ezingama-R52.